Ukuganwa kwensizwa ikhulele koMalume | Impunga Yesintu TV

แชร์
ฝัง
  • เผยแพร่เมื่อ 17 ม.ค. 2025

ความคิดเห็น • 44

  • @thamixaba2482
    @thamixaba2482 4 ปีที่แล้ว

    Mpunga yehlathi mina ngikhulele Khan mama kwathi sengiqala ukulobola ngiphakathi nakho wafika ubaba wazohlawula wangithenga ngabuyela esibongweni sake ngakhishwa ngembuzi bangemukela ngayo nangapha ngaqeda ukulobola sengingapha kithi.Zawushaya ngazama izingane Kodwa izinto Ziyala ngoba asizwani nobaba kahle futhi akafuni ukungikhipha inxiwa ngakhile umuzi kodwa akafuni ngisho ukuthi angibikele wona angaz ngenze njani izinto zam zenzeka kanzima.

  • @mqaphelicele4036
    @mqaphelicele4036 4 ปีที่แล้ว +5

    Ngibonge Nyon'Emnyama ngokuthinta lesihloko, kukaningi ngibatshela abangani bami ukuth isibongo sako malume makumele ubize sona sibize ngokuziqhenya asilona icala ngebhadi ke abaningi abanalo ulwazi oluphelele futhi basakholelwa ukuth isbongo sako malume siyihlazo abanye bathi bangathola umsebenzi ngaso lesibongo sako malume bese bezihlawula baphinde bazikhiphe bona ko malume bese ziyaqala zibhede izinto kube engath uthakathiwe kanti ibhadi lalabdwa uwena lidlula ngendlela walimbatha.

  • @portiamkhize7804
    @portiamkhize7804 2 ปีที่แล้ว

    Asbonge baba sibingelele ukungena🙏

  • @ayandasondezi1259
    @ayandasondezi1259 4 ปีที่แล้ว

    Baba Impunga! Nakhu ngine nkinga... Ngili longwe... Kodwa uma ngihamba ngyozwa kuthiwa kuthiwa angbuyele esbongwen sakubo ka mama.... Konke enginakho kuvela kulona laba abaku lesbongo engisibizayo abangboni.
    Sengbikwe kwaze kwaba ka bili. Kodwa kusafana. Ngicela uphinde uythinte mnewethu indaba ye sbongo kodwa ngaphansi kwe sigaba sokuthi ilongwe lifuneke kubo ka nina.
    Ngike ngaybona futhi lento yenzeka ku dadwethu , umagcina ka mamkhulu. Uthe esekwenzile. Zikhanya bha izinto zakhe. Nami sengicabanga khona manje.
    Sibonge Nduna ka Ndaba ngakho konke osenzela khona mfwethu. Sikfisela neylokotho ezinhle ku 2021.

  • @ntokozohlatshwayo165
    @ntokozohlatshwayo165 4 ปีที่แล้ว +1

    Ngicela ukubonga Mpunga Yesintu, ngiwubuzile lombuzo. Ngiyagculiseka ngempendulo

  • @SikhumbuzoMzobe
    @SikhumbuzoMzobe 4 ปีที่แล้ว

    Manje Mpunga yami awusho, uma wahlawule nje kuphela khona-ke wenza kanjani uma sewufuna ukuganwa na.

  • @sthembisondhlovu
    @sthembisondhlovu 3 ปีที่แล้ว

    Syalu bonga lolu lwazi baba. Kuhle ukwabelana singa phambuki

  • @clivengobese7500
    @clivengobese7500 4 ปีที่แล้ว +2

    Wow thank you Sir about this information I really really needed to hear it., it like you were speaking directly to me !!!

  • @sinalomokoena
    @sinalomokoena 3 ปีที่แล้ว

    Mpunga ngyabonga ungikhululile. Ngisebenzisa isbongo sa ko malume bami. Baba wam azange azenze izimfanelo. Sengilobolile manje, unkosikazi wam ngimlethe ko malume. Sengizele ko malume.

  • @hloniphanhlongwane1255
    @hloniphanhlongwane1255 4 ปีที่แล้ว +1

    Kunjalo Mpunga uyihlabe skhonkosini Ngeke isanyakaza

  • @awgatsheni6598
    @awgatsheni6598 4 ปีที่แล้ว +2

    Makwande mpunga ... makwande. Ngiyabonga, ngijike ngibongele nabanye futhi.

    • @clivengobese7500
      @clivengobese7500 4 ปีที่แล้ว +1

      Wu GATSHENI Lo sibonge kakhulu kwi mpunga ewu., ngabe ngyayxhawula manjeke naba okholona laba ababulalayo

  • @sizwemngomezulu755
    @sizwemngomezulu755 4 ปีที่แล้ว +2

    Siyabonga kakhulu bhuti wayichaza yacaca bha.

  • @mqaphelicele4036
    @mqaphelicele4036 4 ปีที่แล้ว +5

    Mina ngibiza isbongo saka malume futhi ngyaziqhenya ngaso impepho ngiyshiselwa umkhulu ozala umama ongzalayo, bake bazama ukungidukisa abanye ukuth angisishintshe ngbuyele kwesababa ngenhlanhla ngiyaqaphela njengegama lami, ngabuza kwabazi isizulu basho ukuth ngobe ngiybangela amabhadi ngingalinge ngishintshe .
    Ulwazi osinika lona mfoka Galaza liyisibusiso kithina esisakhula ngyabonga sengshoda ngezincwadi zakho nje.

    • @clivengobese7500
      @clivengobese7500 4 ปีที่แล้ว +1

      Mqapheli Cele i agree with you., I’m so happy he shared this information kade ngangizibuza ngingatholi kahle ulwazi., I’m bit clear now and ngiqhubeka naso futhi ngeke ngisiyeke 🙏🏽

  • @beelovilakazi3291
    @beelovilakazi3291 4 ปีที่แล้ว

    Ngyabonga mpunga ngokugcizelela kuloko🙏

  • @boyceelushaba1774
    @boyceelushaba1774 4 ปีที่แล้ว +1

    Washa! Mpunga Yesintu, baningi abafwethu abawele kulesikhisi ngenxa yenkulumo ezahlukene insizwa ezizwa ngeningi elingakhanyiselekile ngalendima. Siyababongela asebehlabene ngalolwazi bengakonakalelwa ngenhla yokudikwa

    • @clivengobese7500
      @clivengobese7500 4 ปีที่แล้ว

      Boycee Lushaba sibonga siyanconcoza nsizwa., ibingihlupha kakhulu lento yoku ngacaciseleki but now i can see and i can happily say I’m on the line

  • @zonkeqina5847
    @zonkeqina5847 4 ปีที่แล้ว

    Nam ngikhulela koMalume kodwa ngisebenzisa isbongo sika baba wathi malume kumele ngishade angikhiphe atshele idlozi ukut sengyaphuma manje sengyoqhuba isbongo sika baba naloyo Muzi wakubo baba awkho ubaba washeshe washona kumele ngiqale ngiwakhe b4 ngishade.

  • @dondelihle31
    @dondelihle31 2 ปีที่แล้ว

    Injengoba ubaba wakwami angichazela,sizosebenzisa isbongo sakomalume ebese later sisuka siya kwesikababa....

  • @mzogologotvsa8667
    @mzogologotvsa8667 3 ปีที่แล้ว

    Itholakalaphi lencwadi bhuti omdala?

  • @injebomvu
    @injebomvu 4 ปีที่แล้ว

    Kunjalo baba ushaye khona

  • @mboniswakunene5742
    @mboniswakunene5742 4 ปีที่แล้ว +1

    Legang eshintsha ibongo impela due to this ayiphumeleli coz if ukhulele komalume kmele yonke into uyenze khona.

  • @nhlanhlambuli8248
    @nhlanhlambuli8248 4 ปีที่แล้ว +2

    Manje mekuthi ubaba womunti thizeni washona uyakwazi yini ukuthi wena msalofu uzihlawule noma akuvumelekile?

    • @vai_vai
      @vai_vai 4 ปีที่แล้ว

      Mfanakithi into engafuneki ukuzipha noma ukuzithathela , abakubo baba wakho yibona okumele beze ekhako mama lakho bezobakhulumisa . Kusuke kungaliwa kodwa kwakhiwa ubuhlobo. Mina elami idlozi lenqaba labuza ukuthi , ngizozilobola ngezinkomo zikabani?

  • @NganeZyamfisa
    @NganeZyamfisa 4 ปีที่แล้ว

    Impunga Yesintu, ngingu mlanjwane sengiqala uhambo lokuyo lobola. Uma mina ngapha umuzi ngapha umuzi waMkhulu? Kumbe womalume?
    Ngibuza ngoba insizwa uma yakwa umuzi kuthiwa yakwa "umuzi kababa"
    Minake njengo Mlanjwane ngapha owabani specifically?

  • @boyceelushaba1774
    @boyceelushaba1774 4 ปีที่แล้ว

    Washaya!

  • @kwazilucas
    @kwazilucas 4 ปีที่แล้ว

    Omunye ubaba okhonza ekuphakameni wathi uma ungumfana wakomalume before uthathe izinyathelo zokuganwa kumele uqale umhlawulele ubaba wakho kini, umlobolele esimweni sokuthi wena njengengane yakhe ubize isibongo sakhe kodwa ke kuyazwakala ngendlela ochaza ngayo.
    Mina ngicela mpunga yesintu wenze umfanekiso oqoshiwe mayelana nokuthi umlanjwana angayishisa yini impepho komalume makukuthi sekuyena omdala osele egcekeni.

  • @Zwethanda
    @Zwethanda 4 ปีที่แล้ว +1

    Ngicela ukubuza bhuti mase ngiganiweke ekhaya komama izingane zami zona zisebenzisa siphi isibongo?

    • @clivengobese7500
      @clivengobese7500 4 ปีที่แล้ว

      Zwethanda Zweh Nene sona kanye lesi osisebenzisayo nawe., angithi uyingane yakhona so nezakho izingane yiso leso., unless if u wanna confuse everyone and everything you can use your dad surname lo ongahlawulanga or akhokhe okufanele

    • @Zwethanda
      @Zwethanda 4 ปีที่แล้ว

      @@clivengobese7500 mmmmm ngyakuzwa ngyabonga

  • @vai_vai
    @vai_vai 4 ปีที่แล้ว

    Iqondile ithe thwi njengothi lomkhonto! Ngoba indaba isekuzisiseni , abakini ngisho bengafika neshumi , inqobo nje uma kuvunyelwene, nokukhombisa futhi ukuthi bayazehlisa & bayakudinga kunokuthi uhambe uzisisa ( usungamane uzihlebele izingane ukuthi azigani ekuthenini kungaze kuzaleke izidalwa).
    Umenjalo Qhawe lakithi.

  • @Bestideo
    @Bestideo 4 ปีที่แล้ว

    Ngyakuzwa bhuti mlekeleli, mina ngifisa nje ukbuza ukuth uma kuwkuthi ubaba wami sewadlula emhlabeni njengoba ngiwu mlanjwana, ubhuti wakhe ubaba wami uyakwazi yini yen ukuth angibuyisele esbongweni sikababa nah ? Noma lokho kuyiphutha elikhulu ?

  • @mzamosibiya99
    @mzamosibiya99 4 ปีที่แล้ว +3

    Into ekmele abantu baysuse emqondweni ukuth ekhaya komalume babo akusikho emakubo. Iqala lapho nje ukonakala lento. Ikhaya komalume bakho ikhaya lakho langempela futhi ngisho ungaganwa wakhe umuzi uzale abantwana esibongweni sako malume njengo iMpunga ichaza nje ngeke uze ube nankinga ngisho encuuu.

    • @clivengobese7500
      @clivengobese7500 4 ปีที่แล้ว

      Mzamo Sibiya danki lapho nsizwa sibonge ngolwazi thina ebesingazi., ngyathemba inqwaba esizakele njengami lana 🤝😊

  • @simphiweprincezulu1879
    @simphiweprincezulu1879 4 ปีที่แล้ว +2

    Ngyakhuleka Mpunga yesintu, ake sithike ubaba sewendela kobabamkhulu ubanike okufanele athwale amacala akhe lapho sewufuna ukuyovusa umuzi wakini? Noma kuba njengebhaybheli la khona lithi "izono zabantwana ziwela ezinganeni..."?
    Uma kuthiwake kwenziwa ingane, kungabe kuyikho yini ukuthi ingane ilobole unina? Sithini isintu?
    Lisuke likubhekile na ithongo lasekhaya bobaba Uma kusasele lawomacala noma elakomalume kuphela elikubhekile?
    Uma Uma ugogo athola ingane ekhaya ubizwe ngesibongo sakwamalume isbonelo:
    UmaZulu atholiswe ingane yentombazane kwaJama engagcagcile iba eyakomalume kwaZulu. Kuthi yona ingane leyo yentombazane ithole umntwana kwaMageba ingagcagci khona.
    Abantwana labo ebatholile baba ngabakuphike bona? Mom's elakuphike ithongo angena phansi kwalo?
    Uma kuthiwake iyaxazululwa kufanele kuqalwe kugogo agidiswe kwaJama kulandeliswe umaJama(ingane) igidiswe kwaMageba ake sithi kulungeke!
    Uma ukwenza konke lokhu angeke yini kushaye empilweni ekutheni iziphi izizathu ezenza ukuthi begcine bengagcagcile ngoba mhlampe sewugcagcise umuntu ngenkani?
    Ngyaxolisa ngameva...

    • @impungayesintutv
      @impungayesintutv  4 ปีที่แล้ว +2

      Cha akufanele ingane ilobole unina ngoba ayisazi isizathu sikayise sokungamthathi unina

  • @andileblessingshange3505
    @andileblessingshange3505 4 ปีที่แล้ว

    Baba nje, Ake ngibuze lana mfwethu, mina ngzalelwe komalume kodwa abazali bashada ngineminyaka emine kodwa ngangakhishwa komalume yize ngikhule nghlala nabazali. Konke engikwenzayo manje ngikwenza komalume ngoba ngiyingane ka gogo. Ngenkathi ngiyocela ngiyolobola nangenkathi nghambisa umembeso, bengisukela ekhaya kodwa umuntu obehola uhlelo lonke umalume ngoba ubaba angisenaye. Besisukela ekhaya kodwa besingashisi impepho uma sisuka ekhaya besixoxa nje sivumelane ukuthi siyaphuma manje siyendaweni ethile siyokwenzani. Ngabe yonke lendlela esengiyihambile mayelana nokuthatha umfazi ibusisekile ethongweni? Uma kukhona la okwenzeka khona iphutha, mhlampe lingalungiswa kanjani? Ey siyabonga izimfundiso mfoka Mbanjwa

  • @mchunuzenzele8193
    @mchunuzenzele8193 4 ปีที่แล้ว +4

    Uqinisile mfwethu inkinga ukuthi lento iwuchungechunge ngoba kwakhona komalume umawakho naye uzalwe njengawe nomawakhe uzalwe njengaye kuhlehle nje uze uthole ukuthi awkaze wakhona umshado bekukhokhwa nje kuhlalwe kodwa lutho umshado uyaybonake ukut nonke lapho niba abakomalu me kuze kyofika ku1937 ey inzima lento yomlando ifuna inhliziyo nokqonda

    • @siyabongamdluli4497
      @siyabongamdluli4497 4 ปีที่แล้ว

      Indida ngoba nakhona lapho uma kungalandelangwa ngendlela efanele kusakunika imibuzo eminingi🙈😌ongayazi ukuthi kuyongcina ngani.

  • @mzwakhethenjwayo3618
    @mzwakhethenjwayo3618 4 ปีที่แล้ว +1

    Ngizothanda ukuphuma eceleni kuhle kwe skhwili siphambana no bhoko,ngibona lento yokuba yingane yako malume yiyona ewumthelela wokuthi amantombazane azalele emakubo,kugcina sekugcwele uchungechunge nje lemilanjwana,bese lezi ezamadodana iyngane azisahlaliseki kahle ekhabo yise...noke nniyibheke lento,abahambe abantu baye emakubo,plz sikhathele yiyngane zakweminye imizi esezigcwele ekhaya ngenxa yabo sisi,uthole untombazane oyedwa ushaya nga 5 weyngane zezibongo ezihlukahlukene

    • @impungayesintutv
      @impungayesintutv  4 ปีที่แล้ว +2

      Yey ungasashongo, inkingake layikhona iba sekutheni ozalisile uzongazihluphi ngokulungisa izinto, ngenkathi uthatha ingane uyixoshela kubo kayise izofike unenkinga phambili ngoba kwabalele bona basuke beyifuna inhlawulo...
      Ekumele kwenziwe ukwenza izingane zamantombazane zingadlwebeleki zihlale ngentombi