Izinto zami azihlangani imbeleko angikaze ngenzelwe I just finished re-writing my matric .i just got the results today. and still i got the same results 28% on english .noma ngiyaz i never failed before koda on my final exam last year things went south . And i tried again this year angisazi ngenzen ngoba ubaba i once talked to him about imbeleko Waze washada engakaze angenzele
Into eyinkinga ngembeleko into ekudinga wenzelwe yona hhayi uyenze wena. Uma amandla bengenawo amandla bathenge imali abayithole kuwe. Mina ngazithengela kwangalunga.
Syabonga kakhulu ulwazi koSolwazi olungaka ngicela ukbuza imbuzi ewubulili obunjani esetshenziswa uma wenza umcimbi wembeleko kanye nomhlonyane futhi kumuntu ongenangane noma kumuntu osenayo ingane uma enzelwa komalume ngicela ningicacisele ngbonge 🙏
Inamandla, kunjalo impela uma abazali benganawo amandla uyapha bawathenge ukuze izinto zigcineke. Imbeleko ngiyenzelwe 12 Dec 2018 kwathi 25 Jan 2019 ngawuthola umsebenzi, after iminyaka kuvalekile n amaThongo engipha amaBursary Kodwa avala nciiiiii umsebenzi. Ngithe sewutholile msebenzi ngibe sengipha uMa imali ukuze angenzele umhlonyane. Ngibonga nje ukuhlakanipha engikuphiwe abadala ngifunde impela kodwa ngeke uze utshele ukuthi angizikhohlwe ukuthi nginguba futhi ngivelaphi. Asoze ngagudluka ezimpande zakithi. Isintu asoze sajika futhi noma singawaphika amaThongo namaDlozi ethu kodwa akhona futhi ayaphila nezimpilo zethu zincike kuwo. Ngisho ukhuluma nami ngoNkulunkulu engathi ungafaka amaThongo phakathi ngoba kungenjalo ngivele ngivaleke izindlebe ngayizwa inkulumo yakho. Sikhonza uNkulunkulu obambisene namaThongo. Siyabonga Mpunga yesintu ngomlayezo omuhle.
Mpunga!ngufakazi waleshloko enikhuluma ngaso,ukwenzela ingane izinto ezi njenge sphandla kubalulekile kuyivulela izinhlanhla zayo eziningi ngikbonile ngakwenza kuhle konke
Syabonga.. Mkhulu ake ngibuze la kukhona abathi imbeleko yenzelwa ingane yokuqala ezinye bese zingenzelwa kuyi cela ke ungicacisele lapho
Mabegcagcile abazali kodwa uma bengagcagcile ingane ziyabikwa zonke
Izinto zami azihlangani imbeleko angikaze ngenzelwe
I just finished re-writing my matric .i just got the results today. and still i got the same results 28% on english .noma ngiyaz i never failed before koda on my final exam last year things went south .
And i tried again this year angisazi ngenzen ngoba ubaba i once talked to him about imbeleko
Waze washada engakaze angenzele
Impuuuuuungaaaaaaaa😊👏
inkinga ngisamelwe ukuthi ngihlawulwe ngoba ekhaya kwenziwa imbeleko ngingahlawuliwe kwasusa umbango phakathi kwabantu abadala izinto zami azilungi
Aibo! Sphe! Nami ngiwu Khoza 😃😅 Ndoda benza kanjalo nakithi kwa Luthuli bathi ngenzelwe iMbeleko kodwa dololo ukuhlawulwa.
Sykhuleka emakhosini. Ngingayenzela yini ingane Yami engakaze yenzelwe imbeleko. Mina mzali wayo angizange ngenzelwe, NAMI ngiyingane yokuqala. Ingane isikhulule
Xa utata engazange enzelwe mbeleko unalo na yhini ilingelo lodla kulena yam
Mina baba anginaye umalume ,akusekho muntu khaya ngingayenza kanjani imbeleko ,ezinganeni,ngoba nami zange ngiyenzelwe
Mina ngiqeda kyenzelwa umalume imbeleko ngb ngakhuliswa khona inkinga umalume uphuza ngalendlela exakile uvelathandaze empepheni acelinhlanhla sakthetha ngigcine ngdideka ukuthi kmele ngenzenjani ngb utshwala buyamehlula kmanje angathi angzange ngenzalutho ngyafikweletu nempilo imile streit akyeki phambili ngicela impendulo baba sengzolalela emsakazweni
Nami ngiwufakazi ngathola umsebenzi eminyakeni edlule ngosuku engenza ngalo interview ebusuku ngatshelwa ebuthongweni ukuthi angithenge imbuzi yembeleko ngisho nobulili bayo nangempela ngenze njalo zaqhubeka zakhanya izinto zami. Imbeleko ingukhiye kanti futhi usuke uphakamisa amandla alesidalwa esikuphethe.
Mina ngina 30 and angenzelwanga imbeleko. Is too late ukuthi ngenzelwe manje?
@@nonkululekosibeko3646 it's never too late
@@siyabongablack9344 ngiyabonga
Into eyinkinga ngembeleko into ekudinga wenzelwe yona hhayi uyenze wena. Uma amandla bengenawo amandla bathenge imali abayithole kuwe. Mina ngazithengela kwangalunga.
Ay iyezwakala lendaba nami ngiwumuntu ongabikwanga ethongweni kodwa uma ma nobaba abashadanga kodwa sakhulela kobaba nomama naye ebehlala nobaba baze bashona singenzelwanga imbeleko komalume futhi nakhona komalume sebashona bonke nomuzi wakhona komalume sewawa waphela kwasala amanxiwa so manje ke inkinga yam ukuthi kumele ngiyovusa ikhaya lakomalume bese ngiyakwazi ukuyokwenza imbeleko. Manje umbuzo enginawo ngaphambi kokuthi ngiyenze imbeleko ngabe kumele ngiqale ngibike umuzi bese ngibangenisa ekhaya noma kumele ngivele ngenze imbeleko kuphela?
Unjani mtanekhehla ngicela ukubuza isintu angisazi ngenxa yokuthi ngashonelwa ngabazali ngimncane manje ngithintwa ilendaba yembeleko nami ngifisa ukwenzela abantwana bami babili ngicela ukubuza ukuthi kumele ngithenge izimbuzi ezimbili na ngyabonga usazophendula.
Sanibonani mpunga bengicela ukubuza uma washiywa uyise wengane wena mama ungakhona yini ukumenzela umntwana njengoba sihlala e Goli
Sadla thina singasaqali dankie Mpunga🤝🏽
Asiklezeni ko Gwansile
Mpunga🙌♥️🇿🇦
Amen 🙌🙌🙌🙌🙌🙌🙌🙌🙌🙌
mmm kunjalo impela
Mina iyiphi indlela engenza ngayo ngoba izinto zosiko ekhaya abazivumi kodwa ngyafisa nami ukuba nesi sekelo ngenzelwe imbeleko ukuthi kanjani angazi
Gcwabe kayhlandlo abo Mkhize bonke bawumuntu oyedwa badabuka kukhokho uyedwa,ngamafushane ngithi thola uMkhize owenzayo amasiko bese unamathela kuye wenze izinto zakho
Sayaboga mkhulu ukungjcazela nami nginaleyo nkinga manje nami nginengane
Saze sahlupheka ezweni...
Ngicela ukbuza uma omalume bengakwenzelanga baze badlula emhlabeni uyakhona yin ukzenzela, okunye uma wena usuwu Malume uyakhona ukwenzela abanye anshana n uyakhona ukubabhanqa yin mhlampe sebezalwe baba baningi? Ngibonge ngingakaphendulwa
Sawbona Mkhulu,Uma ufuna ukuyenza imbeleko,kodwa Uma ungu msuthu and Kini nisebenziza imvu, kulungile Na?
Asibingelele, ngicela ukubuza ukuthi ukuphandlwa nokubikwa into eyodwa yini?
Mina ngazi ukuthi iNgane ibongwa ekhaya kubo but laphayana ko Malume iNgane yenzelwa imbeleko. Ngicela iMpunga isichazele kahle.
@@chief9462 Hlase uqedile ungethole
Baba ngicela ukubuza untwana ongasekho owashona uyenzelwa yini imbeleko ngicela impendulo
Ngibingelele Mpungayesintu bengicela ukubuza ukuthi umuntu imbeleko uyenzelwa ekhaya kubo(kubo kababa ) noma komalume, njengoba senichazile ukuthi ubikwa ngayo kwabadala.
Ngibingelele Ngwane,ngingeyona impunga kodwa ngibona sekuphele iviki ungayitholile impendulo kulombuzo obalulekile kangaka...imbeleko eskhathini esiningi yenzelwa ekhabo malume ne Mpunga ikuchazile lokho.Ngisho egcagcile umama uyayenza khabo mama imbeleko.
Waslapha mpunga yesintu
Mpunga, bengcela ukubuza uma uzalelwe komalume wakhula wazi lesosbongo ubaba awumazi ngabe yiphutha yin uma umunt okuleso simo ethola ingane ayenzel konke ibuye ngakuye
Bese eyenzela ibheleko la komalume bakhe
Ngabe iphutha yin?
Kwamnandi ekhaya niphile madoda amakhulu
Impuuuuuuuunga!
Mpunga uma ngathola ingane entombazaneni imbeleko ngiyenzele kithi noma yenzelwe komalume bayo?
Kumele yenzelwe komalume ngoba wena wayithola ningagcagcile
Impunga
Ngiyabingelela ekhaya lokuphilo
Mina ngicela ukubuza uma niyimilanjwana ezalwa omama abehlukene niyafakwa yini nonke esibongweni ngezimbuzi ezimbili?
Ngiyace ukwazi ngoba omama basohlelweni lokusenzela kanjalo maduze nje
Umfowenu omdala owashona ngokuphuphuma kwesisu angakuhlupha yini wena mfana ophilayo?
Manje njengoba sinabazali abafundile abangafuni ukwenza lutho, kodwa bona benzelwa emakubo. Ibuhlungu kabi lento futhi mina iyangicasula...
👌👌👌👌✌
Yebo yes 🙏🙏🙏🙏
UMa uyenzela iMbeleko but isiphandla engasifaki esandleni, kuyaba nomthelela omubi ?
Kungani engeke asifake isphandla? impendulo ilele kulombuzo
CELA KUBUZA YENZELWA YN OSEWASHONA MBELEKO
Ngibingelela kini boBaba abasipha isinkwa esiphilisayo ngaphakathi nangaphandle nina baphathi bo hlelo, bengithanda ukubuza ukuthi imbeleko ungayenza Khabo Baba uMa ungahlawuliwe noma kumele uyenzela khabo ninalume?
Cha angeke ngabe wenze iphutha elikhulu. Kumele wenzelwe ekhaya kaMama komalume
Ngiyabonga kakhulu Baba🙏
Ngiphinde ngibuze nokuthii ngithenga imbuzi yobulili buni?
@@vusimndeni1976 umfana Kuba eyesilisa intombazane nembuzi makube yesifazane all the best 👏🏾
Umuthi awubongwa🙏Kwande Mtomdala
andisayibaweli nje lengoma ikhala xa kuphela eziVideo
Impunga