@@SimphiweMathunjwa I bought mine when I was in Durban, if you call the number that appears on his TH-cam they will tell you where you can get the books.
😢😢 ei baba waze wayichaza indaba mina ngingumuntu ongazi lutho ngathi ngiyohlola kwathiwa angifake abantu abadala ekhaya umuntu owangenzela akenzanga tu ngale ndlela baba uchazangayo was vuka no 1500 wonke😢
Syabonga mkhulu sacela yamanzi amnyama makthiwa baphenduliwe kwenziwa njani mkhulu??.. 🙏
Ngyabonga Gcwabe, ngoba nginenkinga yokuphupha umama wam sisemanxiweni kanti sengakhile umuzi kwenye indawo, kunamuhla ngivuka naye kepha ngaba Landa emanxiweni ngyamphupha esebaleni kulendawo esengakhe kuyo enganginile endlini kepha usungicaciselile ngzokwenza njengoba usho ngzoba Landa futhi beno Baba wam 👏👏👏
SIYAKHULEKA EMAKHOSIN AMAKHULU, ngisacela ukbuza uma ungenabazali futhi kungaseko muntu omdala wenzanjan, ngingumlanjwana mina BABA
Syabonga mtomdala mina sabuyela kubomama ubaba ebaleke nomamncane ngathenga umuzi ngisuka kubomalume ngathenga imbuzi wayithatha sihamba Sonke Saya nembuzi emathuneni wakhuluma u
nomama kodwa babengasazwani wabuya nembuzi wayokhuluma emsamo wakabomalume ngoba beyizidakwa sasuka saza kuwo umuzi so mina ngisadidekile namanje ngoba yena usaphila wafika wamemeza abakubo ka Majola kuwukuthi sabuyela kubomama sakhuliswa khona kahle kahle ubaba angikholwa wenza kahle and ngalesosikhathi uyasatshwa akatshelwa
Amen bawo Mkhize utsho khona,kudlala ndicinga ukwenza lokhu kodwa mdingazi ukuthi kwenziea njani
Siyabonga baba kodwa ulandwa kanjani owashonela empini mandulo
Thokoza mkhulu ngiyabonga ngemfundiso yakho i learnt alot ngiyabonga baba 4rm skosazane Sharon Dlamini Maia👏👏👏😊😊😊
Emakhosini👏🏾👏🏾 Khabazela hhayi ngiwethulela isigqoko Amathongo akini ngalolwazi akubusise ngalo, ngifunda okuningi ikakhulu ngale subject yale video. Sengitholile ukuthi abami abantu abadala ngiyobalanda emphambanandlela ngoba abakoMalume badabuka Mozambique and ngingumlanjana. Ngibonga kakhulu Khabazela, bengie eThekwini ngifika ngathenga izincwadi ezintathu.
Siyabonga baba ngiyakuzwa ngi cela ubuza ma uzalwa namantombi inguwe wedwa indodana amantombi agane uma osizalayo asishiye emhlabeni aye kwe lamathongo ubaba athathe omunye umfazi aphume la kithi ayozakhela omunye umuzi nalo mfazi omncane lo muzi u baba awshiye kum lomzi kepha ikhona into ekumele ngiyenze ngifisa ukwazi
Mmmmm this was so informative, syabonga Baba. Siyacela uqhubeke nezihloko ezifana nokuyolanda umuntu ongasekho la edlulele khona.
Syabonga mkhulu Uma uyingoduso ukhuluma njani nabakule likhay
Amen babu Khabazela ngicela ukubuza uma ithonga lingcolile wenzenjani liyilwane wenzenjani baba ngingejabula uma ngingathola impendulo
Siyabonga baba uyayisebenzisa yini inkukhu uma engekho amandla ngalesosikhathi ukufaka abantu abadala
Siyabonga Khabazela ngencazelo enhle kangaka🙇♂️ngicela ukuthi Khabazela usichazele indlela yokugumba (exhumation of your love one) ubangenisa ngokphelele ngendlela yesintu🙏ingabe ikhona indĺela ewenziwayo ngayo ekhona Khabazela.Siyabonga🙇♂️🙏
Siyabonga Baba uKhabazela lokhu okushoyo kuyiqiniso isminya. NeNkosi yamaNazaretha yasho njengoba usho ukuthi "Abantu bakini bangafakwa kanjani umuntu wasemzini womuntu abangamazi naye angabazi "
Siyabonga bab'khabazela ngolwazi isikha lona 👏
Ngyabonga ukuzwa iqiniso elimsulwa nelicacile ngoMsamo. Nokwazi ukuthi uMndeni kuphela odingekayo hayi abanye abantu bangaphandle futhi asidingi kubhulelwa 🙌🙌🙌
Nkosi yam 👋 ngifisa ukuthola izinamba Zika Dr Mkhize👏
Siyabonga mkhulu nganelisekile ngoba vele ngakha ikhaya lakithi,ngizwe konke
Syabonga baba mkhize ngicela ukubuza ukuthi uma sebelandiwe emanxiweni ngoba uthi kuhamba uhlangothi luya emzini omusha bese lolu olunye uhlangothi olwenzenjan ? Ulupheka emanxiweni noma ulupheka emzini omusha nakhu ngi xakeka
Khabazela! Izandla zedlula ikhanda ngolwazi osinikeza lona
Siyabonga izeluleko. Sizithola kanjani izincwadi?
This topic is very important and I so wish can be also in sotho version, Bab Mkhize speaks deep Zulu for me but am learning
Its unfortunate that the books are in Zulu, I'm also Swati but I can understand Zulu.
Need a translator?
@@pkt7434 Subtitles in english
Too much siyabonga baba ngolwazi olungaka
Siyabonga baba ngencazelo ebaluleke kangaka
Makhosi AMAKHULU, zitholakalapi izincwadi BABA🙌🙌
Ngyabonga kakhulu ngencazelo iyangisiza kakhulu 🙏
Ngiyatibongela kakhulu Babe Mkhize ngikuve kahle konke lokushito Ngiyabonga Khabazela
Ngithenge Umsamo iziko laMathongo. Umsamo noDengezi. Umsamo ubizo nokwelapha kwendabuko. Ngijabule sengathi ngiyingane👏🏾👏🏾👏🏾
Where can I buy the books?
Zitholakalapi dadewetu izincwadi, ngiyacela ungipendule cc 🙏🙏
I bought mine in Durban West Street. Ngizwa bethi ediagonal street egoli. Ngikhohlwe igama le shop.
@@thabisilepalegrina1128 ngizithenge edurban sisi west street. If usegoli bathi zikhona ediagonal street. Ungakuphi wena?
@@SimphiweMathunjwa I bought mine when I was in Durban, if you call the number that appears on his TH-cam they will tell you where you can get the books.
Ngiyabonga baba UMkhize wayibeka yacaca etikungenisa abadala. INkosi ikwandisele iminyaka yokuphila🙏🙏
Ngiyabonga baba Mkhize...Sidlalile abantu emhlabeni..ngokuswela ulwazi...Kuhujwa imali manje..
Siyabonga Baba Mkhize. Ngicela ukubza ukuthi uma uyi last born kwenzekile waphuma ngokungazi wenze njani ngokkubika umuzi
Cha khabazela kuthiwa uma nibanga umsindo ekhaya ningaboni ngeso linye kuthiwa bayaphuma ekhaya abadala
Kuyezwakala baba ,,. ngisacela ukubuza Uma ungasenabo abazali andlini ,sebashona ,Lana abakhona bangafuni ukukubikela umuzi okunaloko bavuse uchuku kumele kwenziwe njani
Ngiyavusela thokozani baba umakungasekho abafowethu nabazali umama ezakhele kusetjenzwa kanjani
👏👏👏 ngiyabonga baba ngale ngcazelo
Khabazela👏🏿Phambili ngeSintu.
Siyabonga ngencazelo
Ngicela ukubuza mina ngiwumlanjwana and asikase sibe nekhaya and ngikhuliswe ngenkolo yama krestu manje sekushintshile nginomuzi esengihlale khona nabantwana bam for 8yrs ngifisa ukuwukhokhela kodwa amandla awakabi khona manje uma ngifisa ukwenzela abadala into ngenza kanjani okunye ngiba namaphupho noma ukuxhumana nabantu abadala
sawubona baba ingaba izincwadi zenu zitholakala njani
Siyabulela tatu mkhize ur perfect 4ds show
Uma nihlukene ngexibongo ningenabo abazali nomalume bengasekho kwenziwa kanjani baba nginaleyo nkinga .Manje lelikhaya alibikiwe kepha ngibaphuphe bengaphande bephethe izipho bebahle manje angazi ngenze njani babuKhabazela 🙏
Sisi kumele uthole abakubo mama abasaphila noma kungaba abesibongo esifana nesakomalume namasiko afana bese niwenza ke lomsebenzi njengoba uKhabazela asho
Othwetshuliwe yena kwenziwanjani, Namaphupho abaveli emaphuphweni
Ngiyabonga babu Mkhize ngicela ukubuza ukuthi umyeni wami washona bathi ungaphandle kwe gate bathi uyafinga njalo ame ngaphandle
Syabonga Baba ngiphendulekile ,inkinga ila ubaba waphuma ekhaya wathola omunye umama washonela khona lapho Wawenza umsebenzi umama oncane ,ubaba useyafika emaphupheni usethi ucela ukulandwa (uyalandwa umuntu kabili Na?)
Ngiyabonga kakhulu ave ngiludinga lolu lwazi, kufanele ngithole lezizincwadi. 🙏🏿🙏🏿
🙌🏾🙌🏾🙌🏾🙌🏾🙌🏾🙌🏾ngiyabonga engezwanga akasobuye ezwe
Amen mkhulu ngicela ukubuza senzenjanike uma singasakwazi ukuya ekhaya elikhulu ngenxa yezimo ezithile imbuzi siyihlaba kuphi?
Yamnandi lenkulumo babu uMkhize kudala umuntu ehle enyuka sithi siyalungisa kodwa lutho dololo ushintsho, kanti indaba ilele la, syabonga baba uphile njalo njalo 🙏
Baba siyabonga ngolwazi osinika lona.....abanye basinika ulwazi ngemali esingenayo
Okay babumkhize kunalezi zingane ezikhulele Kuma orphanage home akabazi abazali bakhe yena ubafaka kanjani abadala
Siyabonga Baba🤝
Siyabonga baba kukhulu engikufundayo 🙌🏾🙌🏾
Thokoza Mkhulu 👏 👏 👏 kwacaca kwathi bha..!!!
Mawungenaye umkhulu nomalume mawungenaye umfoweni unodadewenuke unomama
Siyabonga baba sibaningi esinalenkinga.
Ngaze ngajabula ukuqondana nale video kudala ngifisa ukubika umuzi. Ngiyabonga kakhulu
Syabonga mkhulu ngizwile
Ngiphupha. Ngijimiswa izinja ngihlala ngibona izinyoka emqondweni yam o ngsejele kwenzakalani😢
Baba ngicela ukubuza mangabe mhlawumbe indlu yabanti abadala kungene umphezulu yasha abantu abadala kwenzekani ngabo lapho yini okufanele uyenze
Khabazazela, Ngiyayibonga incaelo yakho lendaba yokulanda abantu abadala olwandle ngake ngayenzelwa womunye umthandazi, ekuhambeni kwesikhathi ngatshelwa ukuthi abasekho ngaphakthi ngenxa yomsindo owawukhona egcekeni ngenxa kankosikazi owayengiganile ngaleso sikhathi
Mkhulu sizable bo. Safa ukulahlekiswa. Ngicela ukuhlolwa ngo online noma whattsap. Ngenze njani na? Khabazela.
Andazi noba uyahlola ngefoun na baba
Siyabonga izimfundiso kwande
Ngaze najabula namhlanje nkos ngokuba ngithole ulwaz olujule kangaka, BADLALILE NGATHI ABANTU, UKHULE MKULU UNGAKHOKHOBI
Ngiyabonga mkhulu 🙏
Amen mkhulu siyabonga
Amen baba lini igobongo
Ayi ngibonge ngalolulwazi 🙏🙏ngicela ukubuza or ngelinye lamanga uke uthinte lenkulumo yokuthi wenza njani uma umawakho wagana kodwa engaka gcagci bese exabana nalobaba amuganile ebese kutholakala umntwana the time bexabana nje 🙏🙏ebese ethi lobaba obekade emuganile acele umama ukuthi abuye ethi akanankinga nengane engabuya nayo 🙏🙏🙏leyongane kumele yenze njani isebenzisa siphi isibongo ?🙏🙏eyakwabani ? Ngyacela ungisize baba 🙏🙏🙏
Uma umama wayengathelwanga ngenyongo..then ingane eyakomalume..
Isizulu sakho Khabazela sidinga isichazamagama, aw madoda! Kukuphi emaxhiweni? Angaz noma ispelling yiso
Ngaze ngajabula ukuzwa iqiniso nakhu okunye okungihluphayo ngubani okhushulwayo phakathi kuka baba no mama bashadile abasekho bathi u nkosikazi aka khushulwa ngoba isiqhiki esikababa ngeke bahlale bobabili ezihlalweni ubaba uyikhanda lomuzi
Siyabonga Khabazela.
1. Imbuzi yokubika iyahlatshwa idliwe same day lo half? Or iyabekwa kuhanjwe no half wokuyongenisa ngawo?
2. Impepho nama khandlela obike ngawo ekhaya uhamba nawo yini or kusala ekhaya bese usebenzisa okusha phambili?
3. Inyongo uyenze njani yale zimbuzo zontathu?
Umbuzo omuhle ngifisa ngathi kungaphenduleka sizokwazi, I hope ngizoyithola impendulo kwenye yezincwadi engizithengile
Zitholakalapi izincwadi dadewetu 🙏🙏
Siyabonga khabazela. Mkhulu uyakwazi ukuzibikela umuzi ngokwakho nxa ubaba kumbe imuli ingakungeni okwesintu kumbe okwamadlozi ?
Kanti yini inxiwa mina bengizitshela ukuthi ithuna?
Mkhulu nginomuzi abasekho omalume and ngaba yimingedwa kuma ngenjejani mina
Siyabonga mkhulu kuyavakala
Baba can we be able to get all your teachings in an audio mode like CD,s or memory sticks?
Hey Khabazela awungisize la ekhaya sagudluka kancane enxiweni elidala kwakhiwa umuzi omusha, manje inkinga yami ila ngihlezi ngiphupha sisenxiweni elidala sonke isikhathi manje angazi ukuthi kwenziwa yini lokho, ngambuza ubaba naye wathi uhlezi ephupha khona enxiweni elidala, manje angazi senze njani, ngiyabonga
Hello Admin, where can we buy the books?
Sacela ukubuza Khabazela. Ngingakwazi yini ukwakha umuzi kababa njengo mfana nginga ganiwe? Ubaba sewadlula emhlabeni
Ngiyabingelela bab'Mkhize ngicela ukwazi ngoku khuphula khona kwenzi kanjani
Undodana abazali Shruthi mabengasekho ubalanda ekhaya elikhulu mesebabuyisa
Sawubona baba Mkhize,mina ngiyintombazane engahanile kodwa ngithenge umuzi eGoli elhaya kuse Bergville.Ngaphupha usisi uyihlobo ongasekho efika endlini ngaqale ngabona imoto ithi shazi esangweni wase engena ethi uhamba nomama...ngoba abazalo abantu abangasekho nabo manje ngalendlela enjalo ngibafaka kanjani fanele ngiye ekhaya noma ngenze kanjani ngoba ngifuna ukundlulisa
Ngiyabonga
Great video quality
ngicela ukubuza mangabe ungumlanjwana. kodwa ekhaya ko malume. abasekh malume sebadlula bonke. khona oMama. ngizobikelwa ubani umuzi. ?
Thokoza mkhulu ngicela ukubuza lana uma ungumlajwana ungazwani nomalume noma bengakufuni wenza njani ukufaka abadala ekhaya umuzi waka mama
Uma umama engagçagcanga
Siyabonga bab'Khabazela
Thanks Mkhulu I have learned a lot Lesedi
Thokoza Mkhulu. siyabonga ngolwazi osipha lona,ngimombuzo uma ubika umuzi ziyasetshenziswa izinkuku uma imali ingekho kahle?
U taught me all te time watching ur video thanks
Akekho umuntu okwazi ukulanda abantu abangasekho leyo ifuna uNkulunkulu kqala, umlanda kanjani ungazi ukuthi bamenzu mkhovu noma uboshiwe imndeni yakubo ngenxa yokungenzi kahle esaphila,
Uma ungenaye ubaba noma ungena mali yokuthenga imbuzi kufanele ngenze njani
Asante sana👏🏼👏🏼👏🏼
😢😢 ei baba waze wayichaza indaba mina ngingumuntu ongazi lutho ngathi ngiyohlola kwathiwa angifake abantu abadala ekhaya umuntu owangenzela akenzanga tu ngale ndlela baba uchazangayo was vuka no 1500 wonke😢
Siyabonga Mkhulu....
Ngicela ukubuza abahamba bexabene bagezwa kanjani ukuze baxolelane?
Sibingelele baba if uyintombazane unomuzi uyintombazane ubangenisa kanjani abantu abadala
Mkhulu uyaphila ngicela ukubingelela kubantu abadala nginenkinga umalume oyayenikwe mina sewashona ngingumlanjwane osele umalume ayenqaba ngingenza kanjani.
Ngibingelele Uma uwumlanjwane wako malume ka mawakho uyintombazane ubangenisa kanjani abantu abadala
Syabonga baba wangsiza
Sawubona bab uMkhize. Mangabe ekhaya ususele wedwa akusenabhuthi omkhulu, kumbe ke unabosisi kuphela omalume nabo abasekho kwenzeka njani? Ngingazenzela njengoba sekuyimi vele Obama emsamo manje ngoba sengasala nosisi bodwa?
Sanibonani. May I ask yini emanqiweni
Siyabong baba ,Baba ngicela ukubuza ukuthi kuvumelekile yini ukuthi uqala uwuhlambulule umuzi ngaphambili kokuthi uwubike noma ufike abadala uma ungakazane wenze lutho ngaphakathi komuzi ?
Baba Khabazela inkinga yami angisenamalume futhi ngazalelwa komalume kumele ngenzenjani ubani okumele ashise impepho
Bhuty wakho omdala
Thank you Dr. My question is uma inxiwa lingekho esimweni esikahle ngenxa yezinto noma imithi emibi ayayisetshenziswa kudala nenzenjani?