Last week lomntwana ibingathi ngowasecaweni, uyintombazana and inxibe impahla zenkonzo ezi green ndothuke xandizomenzela ukutya, I think she's around 7 years old but akakwaz uthetha
Hi baba mina phuphe ibf yami isidlalisa nengane encane... Kanti asinayo... But b4 esidlalise uvele uqoke I uniform yase Zoni kanti vele usonta khona...
Amen baba ukuphupha unyuka iztebhisi ugodle ingane yomfana enkulu esindayo ngabekushon ngbonge
Amen baba,
Mina ngiphupha ngiphethe ingane okuthiwa izelwe yimi yomfana, ekhula ngendlela efast engingayiqondi. Ngithe uma ngiyigumula ngathola isizimoshele ipampers. Ibiyinhle ingane kodwa ihlakaniphile, nenkaba yoyo isiwile ingasekho kuyo. Akaze ngiyobone ifuna ukuncela. Lengane ubungathi akusiyo eyomuntu engizwana naye kodwa eyomuntu ocebile engingamazi.
Amen Pastor ngicela ukubuza mina ngiphuphe ngiphethe ingane incamele kahle kumina, kodwa ngisebudlelwaneni
Bhuti unjani ngiphuphe ingane yami yemuke namanzi ngiyibheka ngingayitholi but ngikhala ngibalisa ngithi ngizobayini ngaphandle kwayo
Pastor siyabingelela kusho ukuthini ukuphupha kudlala ingane esiswini sakho...lephupho liyangihlupha yaz
Pastor Wani syakhuleka Amen 🙏
Bengicela ukubuza Uma uphupha ngathi sibasile umlilo sibeke amanzi okugeza ensimini yombilo oseluhlaza ongakabekeli izikhwebu. La sinodadewethu ababili esebashona bathi akugezemina ngoba abanye sebegezile .
Amen mkhulu kunomuntu othi ungiphuphe ngihamba nekhehla eligqoke ijazi lengwe
1. UKUPHUPHA ISAGUGA
a. Uma uphupha ubona ikhehla noma isalukwazi; wuphawu oluhle oluvame ukubika ukuthi kukhona ozokusiza uphume ezinkingeni zakho kungekudala. Futhi kusho ubuhlakani onabo noma ozokuba nabo nokuthola izeluleko nomhlamhlandlela.
2. UKUPHUPHA IJAZI LENGWE
a. Uma uphupha ubona isembatho noma ibhayi lengwe; wuphawu olubika amandla akwembethe obungoma nawesithunywa.
Aw ngiyabonga kakhulu uthixo akwenzele okuhle ube nezibudiso
Amen baba ngicela ukubuza uma uphupha umuntu ongasekho ephethe ingane yomfana esencane unewborn efuna umuvakashele kusho ukuthini
Amen baba mina baba ngiphupha izalwa yintombazna emfuleni ohambayo yabe seyithathwa yagoqwa.ngoblankete yanikezwa mina
Amen Mkhulu kusho ukuthini ukuphupha ungaqokanga ngaphezulu
Ngibonga kakhulu inqcazelo yokhuphupha ingane ngizwile ngiyabonga kakhulu Pastor god bless you ❤️🙏
Amen pasta mn ngiwumfundi ngicel ukubuz ngb phl leli phupho ngiliphuph sengiqede nokubhal ngiphuph ngipheth ingane and uma ngiphethe le ngan ngiyiphethe eduze komfula omkhulu ocwebil😢
Siyabonga ngezicazelo Pastor Weningi 🙏😇💫Makwande 💫💫💫
Baie Dankie,
Stay blessed.
Mina ngiphuphe ingane yomfana ngiyizele impela encane.... ngiyabonga postor weningi ngezincazelo zakho lokhu okwenzeka empilweni yami kulezinsuku kunjengoba uchaza nje...kwenzeka okuhle kodwa kuhamba kahle
thank you,
Stay blessed
Sawubona pastor ngicela ukubuza Uma uphupha ingane encane iminza😢
sawubona bhuti,ukuphupha "ubelethe" umuntu wesifane odumile emhlane kodwa kube sengathi uyamfihla ezitheni zakhe,🙏
Ngcela ukbuza mkhulu ukuphupha ingane uykhama iphuma I Gazi emlonyeni
Sawubona Pastor mina ngiphuphe ngigone ingane yentombazana esdudla Enhle ngathi ngikhipha ibele ngiyayincelisa kwavele kwaphuma ubisi oluningi ebeleni lami lathela ingane leyo ebusweni nasemzimbeni
Ngiphushelwe ngiphethe umntwana womfana omuhle wonke umuntu wasekhaya ejabule ngoba sizele izintombi zodwa. Bekukuhle kujatshulwe impela.
You're Welcome.
Siyathobeka.
UNkulunkulu akwenzele okuhle.
Sawbona Pastor weningi
Ngicela ukubuza ukuthi kusho uma uphethe ingane yakho uyanayo ekhaya kini mangabe sowufike nayo ekhaya idlale , idlale maqede inyamalala uyifune kuze kuhlwe ?
Saw bona mfundisi ngiqela ungiqazela..ngiphupha linetha ngama ice ama khulu ingane yayingaphandele kwala engangiheli khona ngiyibona ingakhoni ukusukuma iphelelwa Amandla njengoba ishawa ileyo mvula ngigijimi ngiyoyithatha khona lapha emvuleni ngiyinikeze u Mayo...kusho ukuthini mfundisi
Ngiyabonga
Sawubona pastor, kuchazani ukuphupha uphethe ingane kungathi eyomfana ikhulelwe. Uyofuna usizo ngoba isikwa, bese ibelethela kuwena ungakafiki la ubuzothola khona usizo.
Kuchaza ukuthini ukuphupha ngine ngane encane, ubisi lungaphumi emabeleni kodwa ingakhali. Ngokuqhubeka kwephupho ngayibona isihamba idlala nezinye izingane ingcolile.
Sawubona pastor, ngiphupha ingane ngihamba nayo,nginozwelo kuyo ngiyithathe ngiyifake emhlane ngihambe nayo ngicela ungisize kushoni
Ngiphuphe ngibona owesifazane engingamazi ekhulelwe. Ma engibona wabonisa uthando sengathi umuntu ofisa ukuthi mina naye sizwane. Lingabe lichazani leli phupho
Unjani baba ngiphuphe ngikhulelwe kodwa angazi kanjani
1. UKUPHUPHA UKHULELWE
a. Uma uphupha ukhulelwe; wuphawu oluhle olubika izinto ezinhle ezizayo okungaba inhlanhla yomsebenzi noma imali noma okunye okuhle.
b. Futhi kungasho ukuthi kunoshintsho oluzayo empilweni yakho noma ufuna ukwenza iziguquko ezinqala empilweni yakho.
c. Noma kunomklamo/izinhlelo ophezu kwazo ezizokulethela ushintsho oluhle empilweni noma ukukhungatheka.
Ngyabonga pastor ngezincazelo zakho
Sawubona pasta ukuphupha umuntu ogamazi bemugwaza uphethe ingane yakho yentombazan ehlanzayo ngiphupheleliphupho ngesikhathi esisodwa ngicela imoto ihambise lomuntu esibhendlela lemoto ngiyibone seyiphakamiswa enye imoto ngathinami Iyangisunduza ngaphaphama
Baba ngiyabingelela i hope uright ngisacela ukubuza kuthetha ukuthini uphupha ingane ivela amazinyo siyiphuphe sisobabini nobabawakhe ngesikhathi sinye ingane ayikabinamazinyo leyethu enkosi tata usezophendula☺
Sawubona pastor sacela ukuphupha ukubelethe ingane emhlane bese ikungcolisa
Sabona Pastor ngithemba uphile saka,,, ngicela ukubuza ukuphupha ubona ingane beyibhabhathiza
Sawbona pastor 🙏 ngyethemba uyaphila nkosyam
Ngicela ungsize la ngphuphe ngidiscover ukt ingane yam iyanukubezwa inukubezwa ubhutwayo ona15 yon ina12 ngabe kushukthin ngbonge usazophendula 🙏
Ngibingelele Pastar , mina ngiphuphe ngiphethe uswana lwengane yamakhelwane kodwa yakakela emlomeni wami , kepha ngizithwela kuyimanje bengigqoke ishethi elimhlophe bt alincolanga bt bengiyithanda ngath eyami lengane.
Ngyabonga pastor amen😢
Ngcela ukubiza kushoni ukuphupha ngphethe ingane yase iyazikhulula amathoya aluhlaza
*Uma uphupha ingane izichamela noma izingcolisa;* wuphawu oluvame ukubika inhlanhla ikakhulukazi uma ingakungcolisanga.
*Uma uphupha ingane izichamela noma izingcolisa;* wuphawu olubi olubika isichitho, ibhadi noma isikhathi esingemnandi ongase ubhekane naso ikungcolisile.
Ngiyabingelela Pastor uma uphupha ubona umuntu ephethe ingane engcolile encane
sawbona mina bengiphupha kungath bengisemanzin ngitetela khona mntwana we Ntombazane
Ngiya bongs ngabe kushoni ukuphupha uphethe inganeyakho ishonela ezandleni?
Ngiphuphe ngigeza abantwana futhi ngibagcokisa kodwa futhi bakhula sengibagqokisa
Sawubona. Ngicela ukubuza kushoni ukuphupha umuntu omaziyo efika ezokubonisa ingane yakhe. Uze uyidlalise
Sawubona ngicela ukubuza kusho ukuthini ukuphupha uthanda nomuntu ongamazi ngisemcimbini
Ngcel ukubuza uma uphuph uyiphethe kodwa mes iyakaka
1. *Uma uphupha uphethe ingane;* wuphawu olubi uma ikukakela; lusho ukuthi kungenzeka abathakathi bakuphonsa ngesichitho.
2. *Uma uphupha uphethe ingane;* wuphawu olubi uma ikukakela; lusho ukungcoliswa yisilwane sabathakathi esizenza ingane kuwe.
3. *Uma uphupha uphethe ingane;* wuphawu olubi uma ikukakela; lusho ukuthi uma unengane eyaphuphuma, eyahushulwa, noma eyashona isencane yangahlanjululwa isiyakungcolisa ngenxa yolaka ngoba awusukumi uyihlambulule.
Kuchazani ukuphupha ingane ikuphalazela, wena ukhongezela ngezandla
1. *Uma uphupha umntwana ehlanza;* wuphawu oluhle olusho ukuthi uzokuba nenhlanhla nezibusiso eziningi uphinde uchume kokwenzayo.
2. Uma uphupha umntwana ehlanza;* wuphawu olungabuye lusho ukuthi uzokuba nemali eyanele yokuziphilisa uphinde ukwazi ukuphila ngaphandle kokudinga usizo lomunye umuntu.
3. *Uma uphupha umntwana ekuhlanzela;* wuphawu olubi olungasho ibhadi, isichitho noma izinkinga ezingalindelekile ezizofika ungazelele.
4. Kodwa kwesinye isikhathi *Uma uphupha umntwana ekuhlanzela;* wuphawu olungabuye luchaze ukuthi lindela ukuvela kwezimfihlo, inkulumo embi ngawe, noma inhlebo eyenziwa omunye umuntu ngawe.
5. *Uma uphupha ukhuculula ubuhlanzo bomntwana;* wuphawu oluhle oluvame ukubika ukuthi uzokwazi ukuzihlenga kubantu abazozama ukukuthela ngehlazo, ukungcolisa igama lakho futhi abakukhuluma kabi.
6. *Uma uphupha ukhuculula ubuhlanzo bomntwana;* wuphawu olungabuye lusho ukuthi uzokwazi ukuxazulula izinkinga ozobhekana nazo ngenxa yabantu abangabakhohlisi, abakubeka amabala, futhi abakufisela okubi.
Sanibona kulelikhaya... Ngimusha ngicela ukwamukelwa . Ngicela umkhulu angichazele ngokuphupha Izibi eziningi langisebenza khona kungathi Kade kwagcina ulucleanwa ngibone imumye uzakwethu ezishanela mese ngithi mina kuyena uyabona ukuthi kugcole kanjani la athi Yebo ngithi ingoba Angisa clean la ngoba vele angisafuni ukuba la cela ungihlahlele Mkhulu
Uma uphupha uyincelisa, kodwa awushadile?
CELA ukumbuza ukuphupha ingane uzigenza kusho ukuthini?
Hello pastor, ngiphuphe ngigodle ingane engasekho kodwa iphila
Enkosi pastor ukuphupha ingane encane iyakho but ecaciswa indoda ithetha ukuthini enkosi🙏
yini ukucaciswa, in English? cause angikwazi. you can take my number on my latest video, ufone, please
Kunjani baba mina ngiphuphe ubabawakwami sewashona eza nengane and angiyazi leyongane
Amen pasta Mina cobuza uma uphupha uyincelisa ingane lisho kuthin lelo phupha incela amabele
Hello bhut
U
Kuchazani ukuphupha ubeletha ingane kodwa ingapgumi isale emathangeni
Sawubona Khehla, nguvuswa I phupho , ngiphuphe i ex yami igone ingane? Kuchazani lokho?
Sawubona Pastor, ukuphupha uphethe ingane eyi albino encane lisho ukuthini?
I want to know kuthi kushoni kuphupha umeme ingane emsebenzini
Awuceli, ukuchazelwa, but uyafuna? yeHheni
I never mearnt to be rude... I didn't think the way ngikhulume ngakhona won't sit well with you
Uma ngiphupha ngiphethe ingane ngihangwa umhlungu uyangikisa .kuchazani
Sengbongile mna kakhulu mfundisi🕯️👏🏾👏🏾
Thank you, Stay Blessed
@@NufliqOnline thanks mkhulu. God bless you too.
Uma uphupha kukhona ingane encane endlini, mawukhipha ibele livele liphume ubisi eliningi oluvuzayo ungayncelisi uvele ubheke into ozofaka kuyona lolubisi oluphophomayo? Kusho ukuthini
ukuphupha ulengane kodwa nxa uyimunyisa amabele engaphumi uchago kutshoni khonalokho
Sawbona mina nginokuphupha ingane encane fth kuba ingane eyodwa njalo nomuntu engizwana naye naye uyayphupha kuba ingane eyodwa nale engiphuphayo kuchazan
Thokoza pasta ngisanda ukuthola ukuthi nginabantu abadala. Ngizamile ukulungisa izinto kodwa bekungacaci kahle ngenxa yezinqumo engazenza ngisakhula lapho ngakhipha khona izingane 2. Ngisanda kuhlambuluka ngazeza icala lami ngalivuma kwizidalwa zami. Emva kokugeza sengiphuphe izingane ezimbili ezingaphezu kuka 5 years I cant recall my dreams per say but all I remember ukuthi izingane. Ngabe lokhu kusho ukuthi inhlambuluko yami bayivuma abadala
UKULUNGISA it's process ethe ukuba long
and the procedures that are followed through out the phase yokuhlambuluka kubazali noma kubantu abathintekayo, ukushweleza kubantwana abakhishwa nokushweleza kulo ithongo, ukuBELETHISWA womama ngedlela efanele, ukuqamba igama abantwana, ukugezwa ithunzi ngembuzi, ukushiselelwa, ukukha nje phezulu.
anginaso isiqiniseko sokuthi ngesikhathi kulungiswa isimo umhambo owalandelwa imuphi nanokuthi walandelwa kwaze kwaba sekugcineni.
Ngoba ukuphupha izingane kunokudalwa ukuthi usuke usukhonjiswa isigaba esezikuso sobudala, phakathi kokunye.
Kepha ungafuna ukuhlola ukuze uqiniseke ukuthi kwahamba ngendlela efanele noma kusafanele ulungiselwe kanusha.
Dr Msimango 0823645616/ 064 751 5917
or Dr Mlondi 082 843 8305
Bangakuhlolela via cell phone
INKOSI Ithel'umusa
@@NufliqOnline ngiyabonga ukuhlola ocingweni kuba imalini
@@zinhledlamini4587 anginaso isiqiniseko
Pastor please interpret this dream...ngiphuphe umama ophethe ingane ethi ushonelwe umawakhe..
Sawubona baba Mina ngiphuphe ngibona ingane yentombazane ingaba neminyaka engaba 2to3 ngathi imike yodwa ngifije ngiyi Hage ngiqede ngikhale nje kabuhlungu
Siyabonga Tata🤝
You're welcome,
Siyathoba,
INkosi ikwenzele okuhle
Last week lomntwana ibingathi ngowasecaweni, uyintombazana and inxibe impahla zenkonzo ezi green ndothuke xandizomenzela ukutya, I think she's around 7 years old but akakwaz uthetha
Ngicela ukubuza Uma uphupha uphethe ingane kodwa ingakhali noma usuyiwisile ingakhali
Ukuphupha uphethe ingane eceda kuzalwa (not sure of genda ) introduced esontweni lomoya kungasho ukuthini
Ukuphupha umuntu othandan naye akutshel ukuthi umithi .??
Ngicela ukubuza Uma uphupha ingane yomlungu Ime lapho bhokuhlezi ibox lengane edlule isase siswini sikamamayo emuva nje kosuku siyibeke ngalo
Sawbona
Ukuphupha ngithola ingane encane esanda kuzalwa kungathi eyami ngijabule ngijahe ukuyoy thengela ukudla ngizoyncelisa ngiloku ngiyiphuzisa amanzi ngijabule ukuth ngizoba umama
Uphupha mlungo eboza ngi ko xolele ngathi yee wa thi hlala lame ephethe ebohlela le wine nga xabanga mtwana lo baba wake uzo sala lo bane
Ukuphupha ingane engumfani kodwa ikhathazekile engathi uyagula ngimsiza
Sanibona mfundisi ngisacela ungichazele leliphupho ukuphupha umeme/upepe umuntu omdalaku nawe wakwenu ekusida umthethisa ewa engathi uyagula
Mina mkhulu beyinga khulum lengane ikhuluphele kakool manje inkinga bengfuna ukuyovakasha kuboyfriends yam ngase ngiyishiya kwenye intombazane ,,,kusho ukuthin mkhulu mangabe unabantu abadala
Ngiyabingelela, ngaphupha ngihleli nomuntu engithandana naye kufika umuntu esinika ingane kodwa ngithe mangiyithatha iyakhala kanti futhi ayibambeki iyashelela ngaze ngacela lo wesilisa ukuthi akayithathe yena ngoba mina iyangihlula ayithatheki. Lokho kungabe kwakuchazani?
Pasta mina ngphupha ngigodle ingane yentombazane Kodwa bengijabulile ngimdlalisa lomntwana
Ngiyabingela Kuwe Pasta. Lana ngiphuphe ngihlezi emotweni ngemuva eskhenkeni kundlalwe kahle isphontshi kuqhamuke intombazane /usisi anginike ingane yentombazane esencane esifunda ukukhasa/ukugaqa. Ngimudlalise umntwana ngibuye ngimudedele adlale khona la. Abuye ngimuphathe aze alale mese ngimubuyisela kumama wakhe. Kodwa manje ngimukhipha ngewindi le canopy amuthathe umama wakhe. Umama wakhe ngiyamazi noma sengikhohliwe ukuthi beku ubani. Ngicela ungisize Pasta.
(1) UKUPHUPHA USEMOTWENI EMILE
(a) Uma uphupha usemotweni emile wuphawu olubi olusho ukuthi izinto zakho zimile okwamanje noma awunanqubekela phambili.
(2) UKUPHUPHA UNIKEZWA
Uma uphupha unikezwa ingane encane kungaba wuphawu lwesilwane noma olwenhlanhla.
(3) UKUPHUPHA OWESIFAZANE OSEMNANE ONGUMAMA
(c) Uma uphupha umama osemusha wuphawu lokuvuselelwa komoya, kanye nokuzihlela kabusha, ukuguqula indlela yakho yokuphila nokucabanga kwakho.
SUMMARY
IPHUPHA lisho ukuthi izinto zakho zimile futhi nawe awunake nakunaka kepha kuzoba nenhlanhla ezokwembatha iphinde idlule futhi ekugcineni uzozihlela, uzovuka uzithathe, ushintshe ukwenza nokucabanga
GOOOD Luck
@@NufliqOnline ngiyabonga kakhulu ngencazelo inkosi ikubusise
Unjani Baba kusho uthini ukuphupha uwela umfula kodwa amanzi adungekile
18. UKUPHUPHA UMFULA
a. Uma uphupha ubona noma uwela umfula onamanzi angcolile; wuphawu olubi olukuxwayisa ngamathuba okugula/ okuphoxeka/isifo noma isikhathi esinzima ozobhekana naso kepha uzokwazi ukudlula kuso uma ukwazile ukuwela ngempumelelo.
Futhi amanzi angcolile angaba wuphawu lokukhulelwa kwakho noma omunye umuntu osondelene nawe.
Ameni mphathi ninjani
Siyabonga kakhulu ngolwazi Bengcela your contact
Ngnombuzo ojule kakhulu ngengane
Amen
But there's my number in each and every video,
appearing throughout the video, and at the end of the video.
076 416 6991
Mna ndiphupha sele ndiyiphethe lengane and ndisandoyizala but mna andikho kwi relationship and ndinguno business
UKUPHUPHA INGANE
(a) Uma uphupha ingane yentombazane noma ubeletha ingane yentombazane noma uphethe ingane yentombazane futhi isesimeni esihle nesigculisayo; wuphawu oluhle futhi olubika isikhathi senjabulo esizayo.
(b) Uma uphupha ubona umfana osanda kuzalwa; wuphawu oluhle, lungabika izinguquko zempilo ezizayo, amathuba amahle azovuleka esikhathi esizayo, ukuphumulela kokwenzayo noma uzohlangabezana nethuba eliyingqayizivele elizoshintsha impilo yakho.
(c) Uma uphupha ingane enhle futhi esesimeni esihle nesithokozisayo; wuphawu oluhle olubika isibusiso nenhlanhla ezayo empilweni yakho.
(d) Kepha futhi ingane ingabika isilwane othunyelwa ngaso esizoqeda inhlanhla nesibusiso sakho uma ingekho esimeni esihle, ingathokozisi, incela noma ifuna ukudla ngodli.
Uma ushonelwe muntu wakho kodwa uphupha uphethe ingane
Hi baba mina phuphe ibf yami isidlalisa nengane encane... Kanti asinayo... But b4 esidlalise uvele uqoke I uniform yase Zoni kanti vele usonta khona...
1. UKUPHUPHA UDLALA NESOKA
a. Uma uphupha uzibona uzijabulisa nesoka; wuphawu oluyisixwayiso sokuthi ukhathazekile ngobudlelwano bakho noma kunenzinto ezingakugculisi ngabo noma ngesoka lakho. Futhi lokhu kugxila ngokweqile ebudlelwaneni bakho kungadala ukungaqondi noma izinkinga ezithile emndenini wakho noma phakathii kwakho nesoka lakho. Ungase uzithole kumele ukhethe phakathi kwabantu osondele nabo nalobu budlelwano.
2. UKUPHUPHA INGANE
a. Uma uphupha isoka lakho lidlalisa ingane; wuphawu olungasho isifo anaso sokuthi nandise umndeni nobabili.
b. Futhi uma uphupha ubona ingane; wuphawu lwesibusiso nenhlanhla futhi kungasho ukuthi usukulungele ukudlala indima yokuba umzali.
3. UKUPHUPHA ISEMBATHO
a. Uma uphupha ubona noma ugqoke noma umuntu egqoke isembatho sebandla; wuphawu olukhombisa ukuthi yena noma wena ubizelwe ezion, futhi unamandla noma unamandla esithunywa nokuthi kusidingo sokuthi usithole leso sembatho noma lomuntu asithole amandla akwembethe noma amembethe azosebenza.
Ngabe kusho ukuthinike mangabe uphupha ninomntwana nomuntu wakho nihamba naye umphethe
(1) UKUPHUPHA UPHETHE INGANE
(a) Uma uphupha ubambe ingane usebudlelwaneni futhi ungakabi nazingane, iphupho lelo lingaveza ukudumala kwakho ngomlingani wakho nobudlelwano eninabo nobabili.
(b) Uma usebudlelwaneni uphuphe uphethe ingane yomfana, kungenzeka ukuthi wuphawu lwesexwayiso ngobudlelwane bakho.
Kungenzeka ubhekane nobunzima futhi ungahle uxabane nomlingani wakho okungabeka engcupheni ubudlelwano bakho uma ungaziniki isikhathi sokuxazulula izingqinamba onazo nomlingani wakho.
(c) Futhi uma uphupha uphethe ingane kungaba wupha olusho ukuthi wena nomlingani wakho nobabili nifuna ingane noma ninesifiso sokuba nengane.
kusho ukuthi uma isikhathi sesifanele ufuna ukuba nengane nomlingani wakho futhi kusho ukuthi umthanda kakhulu futhi ufisa ukuba naye impilo yakho yonke.
(d) Uma uphupha ubambe ingane futhi kuvamile ukuba wuphawu olukhuluma ngephrojekthi / umklamo / ibhizinisi noma uhlelo oluthile onalo olubandakanya umlingani wakho, futhi olusisesigabeni samalungiselelo.
Futhi ingane iyaba wuphawu lwenhlanhla nesibusiso esingase sikumbathe kungekudala.
Thokoza mkhulu Cela ukubuza ukuth kuchazani ukuphupha ubeletha amawele angamantombazane qede uwaqambe amagama acishe afane Thokoza
Pasta ngicela kubuza ukuphupha uphethe ingane encane,akusiyo eyami ngath ngisiza isalukazi esisele nalengane engenabazali incane lengane ngoba nenkaba ayikapholi kahle ?
Mina ngiphuphe ngikuka ingane yabese ilala ngiyiphethe ngayilalisa phezukwe skhumba angazi ukuthi esembuzi noma esenkomo esibrown but ngithe mangiylalisa yavuka yangikhalela and lengane bekungeyona eyami beyiyakulomuzi bengivakashe kuwo
Ngyabingelela Pasta wethu..
Ngicela ukubuza ukuthi kusho ukuthini uma ngiphupha ngisekhaya kabo mama wami ekamelwrni laka gogo nomkhulu kwamane kwawela ingane encane ezandleni zami kodwa beyimbethe ingubo e powder blue.. And phela nginaye umlingani wami and sinabantwana ababili and angikaqedi ukulobola..
Okay. Please explain - lengane iwele ezandleni from nowhere? uyayazi? ikhalile ngemuva kokuwa? wena how did you feel or react uma iwela ezandleni?
(1) UKUPHUPHA INGANE
(a) ingane ivame ukuba wuphawu lwenhlanhla noma isibusiso.
(b) Uma uphupha ubona umntwana kusho ukuthi wena noma uphathina wakho nizoba nengane maduzane
UKUPHUPHA USEKHAYA KOMAMA WAKHO bese kuwela ingane zandleni zakho kungasho ukuthi kukhona into enhle/inhlanhla/isibusiso esizokwehlelakepha kumele unyathele emagcekeni asekhaya lapho okuzalwa khona umama wakho.
noma lenhlanhla/isibusiso siza ngamathongo asekhaya komama wakho.
@@NufliqOnline Ngyabonga Yithi Yithi.
God Bless You...
.........
Dankooo
Sacela ukubuza kusho ukuthini pasta ukuphupha udlalisa ingane yomfana mawuyibuka ngathi ino 4 months kanje ngokwe phupho eyakho kodwa okwamanje akekho umuntu wesifazane engizwana naye. Bengiyidlalisa Ingathi ileli ngomhlane phezu kwendaku emhlophe kanje.
(1) UKUPHUPHA INGANE ENCANE
(a) Uma uphupha unengane encane noma usana wuphawu oluhle obikezela ngenhlanhla ekwembethe noma ezokwembatha.
Be blessed
Ngiphuphe ingane edlalayo ngicela ukubuza kusho ukuthini?
Ngyabingelela pastor ukuphupha unikwa ingane muntu omaziyo ihleka lengane ijabule
Filename
Ukuphupha unikwa ingane
Video link
th-cam.com/video/ZRzR69AaaY0/w-d-xo.html
Salibonan Pastor kutshoni ukuphupha amaqanda ephihlika,kungathi udadewethu nomunye babephosana bedlala ngawo
1. UKUPHUPHA AMAQANDA
a. Uma uphupha amaqanda aphihlikile wuphawu olubi olukhombisa ukwehluleka, ukuhambi kahle kwezinto obuzilindele, ukufekela kwezinhlelo namaphupho angafezeki.
b. Uma uphupha ubona amaqanda ephihlikile kungaba wuphawu lokuphoxeka kwakho noma olusho ukuthi uzophoxeka.
c. Uma uphuphe amaqanda aphihlikile, lokhu kusho ukuthi ungase ucasula umuntu ojwayelene naye ngehlaya eliwubuwula noma usho igama elingakudalela amazinyo abushelezi.
d. Uma uphupha ubona umuntu ephula amaqanda ngenhloso wuphawu olubi olusho ukuthi uzobona okuthile kucekelwa phansi ngenhloso ngendlela enonya phakathi.
Hello pastor
Kusho ukuthini ukuhlezi uphupha unakekela ingane yentombazane ube ukhulelwe vele but ephuphweni Kungath akuyona eyakho
Ukuphupha ingane inyamalala odakeni kusho ukuthini, ukuphupha ubambe ingane yomfana ngesandla kusho ukuthini,ukuphupha unemgane yomfama kodwa isikhulile
*Uma uphupha ubona umntwana ecwila emanzini angcolile noma odakeni;* wuphawu olubi olusho ukuthi uzongena enkingeni noma kunesimo esingesihle azongena kuso maduze.
Kusho ukuthi kumele uqaphele abantu asondelene nabo okungenzeka abalungi noma ubonane nodokotela kungenzeka kunomkhuhlane oseduze ongase umbambe.
Kuchazani kuphupha uhleli nabantwana nidla ama grapes a green
(1) UKUPHUPHA UDLA AMA-GRAPES
(a) Uma uphupha udla amagilebhisi wuphawu lokuthi uzokwenza abangane abasha futhi ube nenhlanhla yokwenza imali ngenxa yokulawulwa kahle kwezezimali.
Iphupho ngokuthenga nokudla amagilebhisi lisikisela ukuthi uzoba nenhlanhla futhi uthuthukise nomsebenzi wakho, ngaleyo ndlela kube uphawu oluhle.
(1) UKIPHUPHA IZINGANE
(a) Uma uphupha ngabantwana abaningi uzophumelela emsebenzini nasempilweni.
Be Blessed
@@NufliqOnline thank you baba🙏
Ndicela ukubuza uma uphupha ubukele umuntu wesifazane ebeletha ingane and lomuntu usengumamawami but ngathi ubeletha ingane ngize ngizame umsiza masele eqedile ,ngiluthathe usana ngilubeke esifubeni sikamama ,Ingabe kusho ukuthini loko .ngiyabonga
(1) UKUPHUPHA UMAMA WAKHO EBELETHA
(a) Uma uphupha umama wakho ebeletha ungowesifazane osemusha wuphawu olungasho ukuthi ubengalindela ukuthi uzokhulelwa nawe kungekudala.
Leli phupho liyisibonakaliso esihle kulabo abebezama ukukhulelwa isikhathi eside.
(b) Uma uphupha umama wakho ebelethe ingane eyodwa wuphawu oluhle olusho ukuthi uzothenga okuthile okade ukufisa.
(c) Uma uphupha umama wakho ebelethe ingane engumfana wuphawu oluhle. izinkomba ezibikezela inzuzo nokuchuma ebhizinisini, kanye nempumelelo kuzo zonke izinhlelo zakho.
(d) Uma umama wakho ebelethe intombazane wuphawu olusho ukuthi maduzane uzoba nezinguquko empilweni okade uzilindele ezizoletha ushintsho oluhle namathuba
(2) UKUPHUPHAUBELETHISAUMUMA WAKHO
(a) Uma uphupha usiza noma ubelethisa umama wakho ngaphandle kodokotela wuphawu olubi olusho ukuthi kungahle kube nezinkinga ekufezeni izinhlelo zakho.
INKOSI ithel'umusa
Uma uphushwa omunye umuntu uphethe ingane ezokunika imali kusho ukuthini
Ngiphuphe sengathi ngiwasha iziphahla zokugqoka kodwa eceleni kwami khona uMlungu uyajabula ukubona uyahleka
1. UKUPHUPHA UWASHA
a. Uma uphupha ukuthi uwasha izingubo; wuphawu oluyisixwayiso olusho ukuthi kungenzeka ulahlekelwe yinto noma umuntu obalulekile kungekudala.
b. Uma uphupha uwasha; wuphawu futhi olungasho ukuthi uzama ukuhlanza nokulungisa amaphutha akho.
2. UKUPHUPHA UMLUNGU
Uma uphupha umlungu; wuphawu oluvame ukusho isilwane noma idlozi lasemanzini elikwembethe.
Siyabonga🙏
You're welcome, ngane yakwethu.
UNkulunkulu anezele kuwe okuhle
Sawubona paster mna ndiphuphe ingane kodwa akuyo eyami iphethwe ngu MHA wayo iyingane intombazane inxibe izinto ezipinki
Uma ngikhulelwe kodwa ngihleli ngiphupha ngiphethe ingane yomfana
Sawubhona, ngiphupha ugogo wam owashona engibekela ingane yam engumfana. Anginayo mina ingane and ubuso wegane ngiyawubhona, ifana nomuntu engithandanayo naye. Kucazani?
(1) UKUPHUPHA INGANE
(a) Uma uphupha ubona ingane ikakhulukazi eneminyaka engu-5 ubudala or ongaphezulu wuphawu oluhle - olusho inhlanhla noma olusho ukuthi wena noma uphathina wakho nizoba nengane maduzane.
uma uphupha ingane kuvame ukusho inhlanhla ezayo.
(b) Ingane yomfana enhle iwuphawu lwenjabulo nenhlalakahle.
ingane yomfana enhle eziphethe kahle, ibikezela injabulo enkulu ezokuba khona kungekudala.
(c) Uma ongowesifazane ufuna ukuba ngumama futhi uphuphe ubona umfana, lesi isithembiso sokugcwaliseka kwesifiso.
(d) Usana olusanda kubelethwa luwuphawu olubi olukhombisa ukukhohliswa ngumuntu osondelene naye
(2) UKUPHUPHA UUMUNTU OSASHONA
(a) Uma uphupha ubona Gogo wakho osashona ikakhulukazi uma ebukeka eneme wuphawu oluhle. olusho inhlanhla.
SUMMARY
Iphupho lingasho inhlanhla ezayo noma isibusiso ozosithola sokuba nengane
INKOSI ithel'umusa
@@NufliqOnline ngiyabonga