Imvelaphi yabantu bakwa Mtungwa
ฝัง
- เผยแพร่เมื่อ 6 ก.พ. 2025
- Imvelaphi yabantu bakwa Mtungwa.
Umlando ngabantu bakwa Mtungwa, oKhumalo, Mzilikazi, Mabaso, Gasa, Shembe.
Izithakazelo zakwa Khumalo.
Mntungwa,
Mbulaz'omnyama,
Nina bakaBhej' eseNgome,
Nin' enadl'umuntu nimyenga ngendaba,
Nin' enadl' izimf'ezimbili ikhambi laphuma lilinye,
Lobengula kaMzilikazi,
Mzilikazi kaMashobana,
Shobana noGasa kaZikode,
Zikode kaMkhatshwa,
Okhatshwe ngezind' izinyawo nangezimfushanyana,
UMkhatshwa wawoZimangele,
UNyama yentini yawoZimangele
Mabaso owabas' entabeni kwadliwa ilanga lishona,
BaNtungw' abancwaba,
Zindlovu ezibantu,
Zindlovu ezimacocombela,
Nin' abakwaMawela owawel' iZambezi ngezikhali,
Nin' abakwaNkomo zavul' inqaba,
Zavul' inqaba ngezimpondo kwelaseNgome zahamba,
Nin' enalukudl' umlenze kwaBulawayo,
Mantungwa Aluhlaza,
Mantungwa Amahle,
Bantwana benkosi!
Nin' abakwaNtokela,
Inkubele abayihlabe ngamanxeba,
Abakhule ngezinyawo ezimfishanyana nezimaqhukulwana,
Inyang' abathe beth' ifil' uZulu kanti isiyetheswe,
Yetheswe ngoNyakana kaMpeyana,
UBando abalubande balushiy' uZulu,
UNtshwintshwintshwi kaNoyanda noNdaba,
UNkone evele ngobus' emdibini,
Maqhaw' amakhulu!!!
Siyabonga mnewethu bengisancela nami ungiphe umlando wakwa Malinga Ndumo Mkhandise Madlala nkomo zindla amahlanga zibuye ziwahlakulele 🙏
😮
NebakaMsibiNdlondlo bangemaNtungwa, bavela kuSiwela kaGasa kaZikode..
AbakwaMsibi baphuma kwaNdlangamandl, bezalwa u Siwela owazala u Vungonye, Vungonye ozale uMsibi
❤❤❤❤❤❤
Umlando wakwa meyiwa
Bazostudisha for the next 1000 years kunjani uKhumalo adilikanga bazama bazama lamanga hmmm
I didnt know this, ngazi uDlamini no Nkosi kungama hlubi ka langalibalele
Qhawe sacela ukubuza ukuthi uNdabezitha wayephela ngasiphi sona isikhathi kanye noMmusi 2 noMmusi 1? Ngobani ababephela kanye noMnguni? Ngisacela ukwazi ngoba mangibheka badala phela oMmusi osho ukuthi noMmusi naye nguMnguni?
Empeleni (lipompo)
Ngicela ukwazi ukuthi bafike kanjani egiyane (lipompo) bazebabizwa ngamashangane noma amatsonga ngicela ukucaciseleka lapho! 2:44
Empeleni (lipompo)
Phela labo abase Limpopo ngabakaManuka, ozalwa u Siwela, u Manuka wahamba nengane ngamfowabo uNdangeza, naye Mozambique, wabuya uManuka wayeLimpopo elwa nama Venda ayebuswa uMakhando, wawahlula, wabuya ezolanda uNdangeza ukuba abuse, yingakho leyandawo eseGiyan e Limpopo ibizwa ngeNdangeza, labobantu bakwaNdlangamandla
So if your surname is Mtungwa what are your clan names ?
Wena we’Ndlovu, Mtungwa, Ndlangamandla
@@MondliMongezi-hm7sk so that's it ?
@@MondliMongezi-hm7sk lol , but thanks I appreciate it
@@MondliMongezi-hm7sk Okusho ukuthi oGatsheni nabo balapho? Ngibona phela u"Ndlangamandla" evela kuzthakazelo zakwa Ndlovu nakwaKhumalo
@@Bubele_be_Mvelocha ukhona uNdlovu Ndlangamandla, kube khona uNkosi Ndlangamandla, uNdlovu igama lomunt owakha isibongo sakwaNdlangamandla aye abuye aziwe ngokuthi uSodlaka
Why is Mntungwa and khumalo always lumped in together?
Are they the same?
Mntungwa is Khumalo's father..
Khumalo noMabaso KaMntungwa KaMbulazi kaNdabezitha kaMmusi II kaMmusi I
Ingabe uMusil noMusill,ngulo ophinde kuphumekuye abantu bakwaNdzundza?