Majaivane ephumela eshashalazini

แชร์
ฝัง
  • เผยแพร่เมื่อ 15 ก.ย. 2024
  • UMzovukile Khanyeza ophinde aziwe ngoJaiva Zimnike, udumo lezinsizwa nezintombi ezingenamona, wazakhela olukhulu udumo ngoshameni onenkosi phakathi esagida emaqenjini kaMgqumeni oze wahamba emhlabeni besazwana ngokuyiqiniso futhi esagida kuwo lamaqembu. Uma bekuyodlalwa uJaiva eseqhulwini belingekho iqembu ebelihlula iqembu likaMgqumeni nge-perfomance, ingakho aze wathola igama elithi "iBoss yasestage" ngoba cha uyasingamela I-stage. UJaiva kulesiqephu wethula enye yama-album akhe ebizwa: AMA-AK47 okungeyesibili eyikhipha ngaphansi kwe-company UKHOZI MEDIA okuyiCompany yokuqala esebenzela abaculi ngokuyiqiniso futhi esikhiqize abaculi abavelele abafana neGcokama Elisha. UJaiva kule-album ezophuma ngePhasika usebenze kakhulu, ngoba ukhiphe lonke ikhono analo kwezomculo kangangokuba yonke ingoma ekulelicwecwe iyithinta yonke inhlobo yemizwa; eyothando, eyentokozo, eyosizi njalo njalo... ngakho uma uwuthanda futhi uzigqaja ngomculo weSintu ungapholisi maseko shona esitolo somculo esifanele kuleliPhasika uzitholele icwecwe lama-AK47, uzizwele ingoma emnandi neculwe ngendlela enobuchule obuyisimanga. UJaiva indimeni yezomculo kaMaskandi usenzima kakhulu ngoba ezingoma azenzile kulelicwecwe zikhombisa okukhulu ukukhula futhi zonke izingoma ezakhe eziqhathaniseki nezamuntu ngenxa yezinga eliphezulu ezikulo, ubufakazi bayo yonke lenkulumo eshiwo ngenhla buqukethwe yilo lelicwecwe lama-AK47 esisazodalulwa isihloko salo, ngakho ungaziphuthiseli uma selisezitolo...

ความคิดเห็น • 63