Abantu bakwa Mbatha

แชร์
ฝัง
  • เผยแพร่เมื่อ 6 ก.พ. 2025
  • Imvelaphi yabantu bakwa Mbatha
    Umlando ngabantu bakwa Mbatha, oShandu, oMbeje, oMthiya, Sontshikazi, Mndaba, Ndabezitha, Mlotsha, Dladla.
    Izithakazelo zakwa Mbatha:
    Mbatha, Shandu ka Ndaba;
    Gumbi Lamagwala; Sontshikazi,
    Mthiya othiya ngenkomo abafokazane bethiya ngamahlahla;
    Ndabezitha!
    U Shandu ubengengakanani ngoba nasentendeni yesandla uyenela;
    Nasothini lomkhonto uyahlala athi cababa;
    Mazalankosi;
    Mavungama;
    Mathabathanyawo;
    Makhabaluthuli;
    Makhubanothuli!
    Nina be Nyathi emnyama ka Nsele;
    UShandu owalima insimu eyilimela izinyoni;
    Zase zimbonga zathi tshiyo…tshiyo…tshiyo!
    Ubhabha ku Gwaza;
    UNkentenkente olwakhela izintaba zase Nhlazatshe;
    Kwaze kwaphuma abafazi bengabhincile bathi;
    Ingabe lolu Nkentenkente lunkenteza lwenzani;
    UShandu ongayimbathi ingubo, oyimbatha ngokusibekela kwe Langa;
    UShandu omuhle ngamazinyo akhe;
    Wavala nge hhemu emizini yamadoda;
    Uzihlabathi zolwandle;
    Ebe emkhulu engange Zulu;
    Wena ka Magizagiza;
    Mlamlankunzi zidedele zibulalane;
    Shandu uyinkosi eyabonwa nawu siShaka ka Senzangakhona;
    Yena abathi uShaka akashayeki;
    Wathi Shandu ka Ndaba uyi Nkosi,
    Futhi uyohlala uyi Nkosi;
    Ndaba ko Mkhulu!
    Wo! Nyathi!
    Mbeje, Mndaba, Mlotsha;
    Magwaza aphindelele njenge Zulu;
    Mavungama owavungamela uMvelase evela eNyandeni;
    Dladla, Mpembe, Gadlela, Mhlophe, Dwala;
    Mgabadeli ngokugabadela izinkomo zama doda;
    Mgabadeli ngokugabadela inkundla kwa Bulawayo;
    Mbatha wena owambatha isikhumba senyathi uZulu esahambaze!
    Wena owaba ngu Ndabezitha kuqala;
    Baze bazama ukuthatha izibongo zakho ngamaqhinga!
    Wasala uzisebenzisa njengoba usazisebenzisa namanje;
    Ndabezitha!
    Ndaba ko Mkhulu!

ความคิดเห็น • 9

  • @mbulelomiya6076
    @mbulelomiya6076 2 หลายเดือนก่อน

    🙌🙌 Bengicela izibongo ZaseMaZizini, abantu bakwaMiya,

  • @ThandoVumani-w5y
    @ThandoVumani-w5y 4 หลายเดือนก่อน

    Mthiya abakhithi kodwa Thina baseman mbatheni❤❤❤

  • @mbalimbeje5250
    @mbalimbeje5250 ปีที่แล้ว +1

    I never knew this, siyabonga for the clear explanation

  • @TholeNdlovu
    @TholeNdlovu 10 หลายเดือนก่อน +1

    uMbatha wuSontshikazi hhayi lokhu okushoyo. Kuyavela nasezithakazelweni zakhe makuthiwa wembatha isiphuku sengwe basilabalabela. Bathi uyimbatha ngubo oyimbatha ngokusibekela kwelanga

  • @scelombatha2764
    @scelombatha2764 10 หลายเดือนก่อน

    Syabonga mfwethu

  • @luckyjr.malaza
    @luckyjr.malaza 4 หลายเดือนก่อน

    Ngicela umlando wakwaMalaza (isibongo wakwamaswazi).

  • @OlwethuNala
    @OlwethuNala ปีที่แล้ว

    ngisacela umlando wabantu bakwaNala

  • @shakambanjwa8984
    @shakambanjwa8984 9 หลายเดือนก่อน

    Mbanjwa lo ozala amasama nomo omunye nje makunguye ngicela uke usilandise ngomlando wakhe u Mbanjwa

  • @musawenkosicele1918
    @musawenkosicele1918 ปีที่แล้ว

    Ngicela umlando wakwaCele