Abantu bakwa Mbatha
ฝัง
- เผยแพร่เมื่อ 6 ก.พ. 2025
- Imvelaphi yabantu bakwa Mbatha
Umlando ngabantu bakwa Mbatha, oShandu, oMbeje, oMthiya, Sontshikazi, Mndaba, Ndabezitha, Mlotsha, Dladla.
Izithakazelo zakwa Mbatha:
Mbatha, Shandu ka Ndaba;
Gumbi Lamagwala; Sontshikazi,
Mthiya othiya ngenkomo abafokazane bethiya ngamahlahla;
Ndabezitha!
U Shandu ubengengakanani ngoba nasentendeni yesandla uyenela;
Nasothini lomkhonto uyahlala athi cababa;
Mazalankosi;
Mavungama;
Mathabathanyawo;
Makhabaluthuli;
Makhubanothuli!
Nina be Nyathi emnyama ka Nsele;
UShandu owalima insimu eyilimela izinyoni;
Zase zimbonga zathi tshiyo…tshiyo…tshiyo!
Ubhabha ku Gwaza;
UNkentenkente olwakhela izintaba zase Nhlazatshe;
Kwaze kwaphuma abafazi bengabhincile bathi;
Ingabe lolu Nkentenkente lunkenteza lwenzani;
UShandu ongayimbathi ingubo, oyimbatha ngokusibekela kwe Langa;
UShandu omuhle ngamazinyo akhe;
Wavala nge hhemu emizini yamadoda;
Uzihlabathi zolwandle;
Ebe emkhulu engange Zulu;
Wena ka Magizagiza;
Mlamlankunzi zidedele zibulalane;
Shandu uyinkosi eyabonwa nawu siShaka ka Senzangakhona;
Yena abathi uShaka akashayeki;
Wathi Shandu ka Ndaba uyi Nkosi,
Futhi uyohlala uyi Nkosi;
Ndaba ko Mkhulu!
Wo! Nyathi!
Mbeje, Mndaba, Mlotsha;
Magwaza aphindelele njenge Zulu;
Mavungama owavungamela uMvelase evela eNyandeni;
Dladla, Mpembe, Gadlela, Mhlophe, Dwala;
Mgabadeli ngokugabadela izinkomo zama doda;
Mgabadeli ngokugabadela inkundla kwa Bulawayo;
Mbatha wena owambatha isikhumba senyathi uZulu esahambaze!
Wena owaba ngu Ndabezitha kuqala;
Baze bazama ukuthatha izibongo zakho ngamaqhinga!
Wasala uzisebenzisa njengoba usazisebenzisa namanje;
Ndabezitha!
Ndaba ko Mkhulu!
🙌🙌 Bengicela izibongo ZaseMaZizini, abantu bakwaMiya,
Mthiya abakhithi kodwa Thina baseman mbatheni❤❤❤
I never knew this, siyabonga for the clear explanation
uMbatha wuSontshikazi hhayi lokhu okushoyo. Kuyavela nasezithakazelweni zakhe makuthiwa wembatha isiphuku sengwe basilabalabela. Bathi uyimbatha ngubo oyimbatha ngokusibekela kwelanga
Syabonga mfwethu
Ngicela umlando wakwaMalaza (isibongo wakwamaswazi).
ngisacela umlando wabantu bakwaNala
Mbanjwa lo ozala amasama nomo omunye nje makunguye ngicela uke usilandise ngomlando wakhe u Mbanjwa
Ngicela umlando wakwaCele