ICILONGO LEVANGELI 239: NGINGUMFOKAZI | SOUTH AFRICAN GOSPEL MUSIC

แชร์
ฝัง
  • เผยแพร่เมื่อ 11 ก.พ. 2025
  • ICILONGO LEVANGELI Hymnal Lyric Video
    1 Ngingumfokazi laph'emhlabeni,
    Ngifun'izulu,ikhaya lam',
    Nom'inkathazo isendleleni,
    Ngophumelela njoJesu wam':
    Useceleni eduze nami,
    Ebheka njal'ukuhamba kwam',
    Uzongisiza nasekufeni,
    Angingenise ekhaya lam'.
    2 Noma ngigqok'amanikiniki,
    Ikhon'ingubo emhlophe qhwa.
    Icolekile ngizoyembatha,
    Mhla ngiqedile ibanga la.
    Nxa nginosizi nezinkathazo.
    Ngihlekw'usulu,ngidelwa nje,
    Kolunga konke nxa ngingenile
    Ekhaya lami elihle hle.
    3 Noma ngithwele isiphambano,
    Sinzima sona,ngisindwa la;
    Ngizowuthola umqhele lapho,
    Okokuphila Haleluya!
    Ngimbone yena ongithandayo,
    Ngihlale naye uMfeli wam'.
    Ngihube khona igam'elisha
    Lokudumisa iNkosi yam'.
    🔴 Subscibe for more:www.youtube.co...
    Welcome to FAITH, PRAISE & WORSHIP Channel!
    Where you can find various Christian Music Genres, Hymns,Praise & Worship.
    We love to share the Good Gospel through Music!
    🎬Watch our most recent videos:
    / faithpraiseworship
    SOCIAL:
    INSTAGRAM: / faithpraiseandworship
    TIK TOK: / faithpraiseworship
    #icilongolevangeli #southafricangospel #zuluhymn

ความคิดเห็น • 18