@@buhlebakhethemba3496 nginayo incwadi ka-Adv Mnyandu lapho ebhale khona ngezintshumayelo zeNkosi Ilanga and luckiky i listened to some of them via audio. Kodwa ngiyafisa ukuthi unginabele ngombuzo engiwubuzile kanjalo nemfundiso kaMfundisi uMpanza nkosana.
Ngiyiroma Koda izintshumayelo zalobaba ziyangivula amehlo kakhulu ngobudlelwano uShembe ayenabo noJesu🙌🙌🙌🙏
Ngicela ongangichazela ngalenkonzo. Ngizwa kukhulunywa ngoShembe kepha baqhwakele futhi umfundisi ume ngezinyawo kanti nomjiva wakhe uyaphikisana nemiyalelo yenkosi iNyangayeZulu. Ngoba yathi inkosi bengayigqoka yonke imibala kepha ngaphandle koMnyama noBomvu.
Lomuntu wumuntu ohola ibandla lakhe lamanazaretha. Akazwani noNyazi Lwezulu neNyanga Yezulu ngoba unebandla lakhe ayiholile lamanazaretha. Uyisitha seqiniso likaShembe uNyazi.
AMEN
Awubheke uhlabelela izihlabellelo zikashembe kodwa ulwa naye kodwa Phelan uzibona ungaphezukwakhe siyanidabukela npanza nedlanzana lakho ukuthi ushembe unkulunkulu Angeke nakwazi ukukushintsintsa logo unesikhathi sodlala. Wena
Thabekhulu, ubuyisela amanazaretha kuNkulunkulu
😂😂😂😂😂😂😂😂😂😂😂😂😂😂😂😂😂😂😂😂
Izangoma izitha zikaJehova
Kunjalo baba umpanza bazokubalekela abantu abaningi ngoba ukhuluma iqiniso abantu abalithandi iqiniso ngoba liqondile futhi alizwani nokungcola
Mahle amazwi oMprofethi🙏🙏
Wake wa profethani yenzeka kodwa umprofethi?
Amein
Lomuntu okhuluma ngaye yena akalona idlozi Na?
But how does ubaba uMpanza explained intshumayelo yeNkosi Ilanga lapho liyala khona ukuthi abantu abangacabangi ukuthi abantu abangasekho sebefile ngakho abanakusenzela lutho, waqhubeka futhi wasiyala ukuthi asothandaza imithandazo yethu siyiqondise kubo ngoba yibo asebesondele NONKULUNKULU? And we must take into consideration ukuthi USHEMBE uBabamkhulu wathi ngomlomo wakhe Inkosi Ilanga iyona Inkosi enkulu Ekuphakameni uma emithethweni ayibeka ngokuyalelwa uJehova ebona noma ethanda ukuyishintsha asothatha okweLanga ngoba iyona Inkosi enkulu Ekuphakameni. Manjeke usho kanjani ukuthi asebefile singayingeni indaba yabo
uyayazi le ntshumayelo
INTSHUMAYELO YENKOSI ILANGA 1965
Manje ngiyathanda ukunikhumbuza njengoba isihlabelelo senu sisho ukuthi uNkulunkulu uyayenza into enhle njengale yenu kodwa usuke engayenzeli abantu.UbuNazaretha lobu uNkulunkulu akabenzelanga abantu,wazenzela yena.Sisho njalo isihlabelelo senu sithi:'Idwala elihle lamaNazaretha, owazikhethela lona uJehova ngokulithanda kwakhe.'(Isihlabelelo 73:3).Into yakhe le.Akusiyo into yabantu.Akusiyo futhi into kaShembe.Futhi akusiyo into yamadodana ami noma abafowethu.Nabefundisi baseKuphakameni akusiyo yabo, ngekaNkulunkulu.
Akukho muntu ongavela onjengami nje anikhiphe endleleni kaShembe.Uma ngithi onjengami nje ngisho ngoba kuye kuthiwe ngingumholi wamaNazaretha kepha.UMholi wenu uShembe kuphela.Kodwa akukho muntu ongavela athi phambukani endleleni kaShembe noma ikomidi lamadoda, ibandla labaBefundisi noma yinina nonke njengoba nihlangene lapha.Aninakuveza umthetho ophambene noShembe ngoba lelibandla akusilo elabantu, akusilo elomuntu, elaseZulwini.
UShembe lo owakuphemba lobuNazaretha wayengasiye umuntu, wayevela eZulwini.Kodwa wayengaqali ukufika lapha emhlabeni.Wayefika ayiphembe lento esibuthene ngayo ayishiye, acabange ukuthi izosala ilunge.Bese emuva kwakhe kuvela abantu abanjengami nje abaye bathi bangabaholi bengenawo umoya kaShembe bese beyiphambukisa lento sebeyiphendula ngobuthakathaka babo.Uma ngifuna ukweba bese ngifuna amavesi angivumelayo ukuba ngebe.Uma ngifuna ukuphinga bese ngifuna amavesi angivumelayo ukuba ngiphinge.Uma ngifuna ukuphuza utshwala bese ngifuna amavesi angivumelayo ukuba ngiphuze utshwala.
Ziningi izincwadi ezithi umuntu akaphuze utshwala adakwe uma ethanda kodwa akusiyo indlela kaShembe leyo.UShembe wathi ningakuphuzi utshwala.
Emveni kwami mhlawube kungase kuvele amabhoxongwane acabanga ukuthi ahlakaniphile kunoShembe anifundise ukuthi utshwala bulungile. Ningakuvumi lokho.Akusiyo into esindayo ukuba nilwe, nigwazane noma nibulalane uma kuvela imfundiso enjalo ngoba iyabuchitha ubuNgcwele.
Kwake kwenzeka lokho kwaIsreal, abantu bahlubuka kuNkulunkulu benza into engasile.UMholi wasebuza kuNkulunkulu ukuthi:Ngibenzenjani laba bantu bahlukene, baphambanisa imithetho yakho?' UNKULUNKULU wathi:'Batshele ukuthi indoda ayihlome ithathe inkemba yayo nendodana ihlome ngenkemba yayo balwe, babulawe bonke abaphula umthetho noma indodana yakho ayibulawe noma uyihlo umbulale, noma unkosikazi eakho umbulale.'
Nami ngisho njalo kini ngithi kungase kwenzeke lokho ukuthi kusasa nithole uMfundisi oyisidakwa, ophuzayo ikakhulukazi labaBafundisi abancane.Kodwa ke ningakuvumi lokho.Ningangabazi uma lowo Mfundisi ephuza noma ebhema nimcishe encwadini yenu.Nimkhiphe phakathi kwenu aphele ngoba ukuphuza kuyimpande yazo zonke izono.Kuthiwa imali impande yesono, yebo kunjalo, kepha mina ngithi ukuphuza impande yazo zonke izono.Imali iza kamuva.Zonke izono ziqala ngokuphuza utshwala.
Bengingaqondile ukukhuluma ngale ndaba esengikhuluma ngayo kepha ngenziwa ivesi engilifundile ekugcineni elithi:"UNKULUNKULU wenu unguThixo onomona.Ungabi nabanye oNkulunkulu ngaphandle kwami ngoba nginguNkulunkulu onomona.Izono zawoyise ngizehlisela phezu kwabantwana esizukulwaneni sesithathu nesesine sabangizondayo"
(UEksodusi20:5) Abantu abazonda uNkulunkulu abanjani? Abaphambene nemithetho yakhe."
Audio ye Langa soyi loader kwi TH-cam kaRev LS Mvubu
@@buhlebakhethemba3496 nginayo incwadi ka-Adv Mnyandu lapho ebhale khona ngezintshumayelo zeNkosi Ilanga and luckiky i listened to some of them via audio.
Kodwa ngiyafisa ukuthi unginabele ngombuzo engiwubuzile kanjalo nemfundiso kaMfundisi uMpanza nkosana.