Uma umlanjwana usulobole waqeda komalume kuvele kufike ubaba azokhokha yonke into, kwenziwa njani?

แชร์
ฝัง
  • เผยแพร่เมื่อ 17 ก.ย. 2024
  • www.impungayesintu.co.za

ความคิดเห็น • 33

  • @sicelothwala2888
    @sicelothwala2888 5 หลายเดือนก่อน +3

    Siyabonga kakhulu mfwethu ngolwazi elingunaphakade nime njalo....Siyabonga nibusiseke.

  • @luthandoncayiyane8472
    @luthandoncayiyane8472 5 หลายเดือนก่อน +3

    Le topic iqondene Nami nqo, ngothi ngiganwa, ngibe sengifunde okuningi ❤️❤️❤️❤️💪

  • @AMOYANDY4995
    @AMOYANDY4995 5 หลายเดือนก่อน +1

    Sbingelele Mpunga,ay Lena ijule kakhulu oy'thinta namhlanje. Woza nendaba ngize nendlebe🙌🙌🙌

  • @zakithimlondo3592
    @zakithimlondo3592 5 หลายเดือนก่อน +1

    Siyabonga Mpungayesintu ngolwazi osipha lona

  • @asemahlejae5522
    @asemahlejae5522 5 หลายเดือนก่อน +1

    Yize ngingenalo ulwazi olujulile ngesinto kodwa uma ngihlaziya ngokombono wami kufanele umlanjwana aqedele ukulobola umfazi wakomalume bese kuyamphoqa ukuthi athathe isithembu umfazi wesibili ozovusa umuzi kababa.

  • @nkululekocele2085
    @nkululekocele2085 5 หลายเดือนก่อน +1

    Yimi lo ngilindele impela ukuzwa impendulo ngoba ngiyathinteka abami abazali bashada kuphela bangagcagca kodwa izinto zami zingikhomba komalume. Impela kulo nyaka ngifuna ukuyohlonipha emzini wendoda. Woza Mpunga ngilalele

  • @jabumabena5595
    @jabumabena5595 5 หลายเดือนก่อน +1

    Siyabonga mpunga

  • @sibusisombatha6187
    @sibusisombatha6187 5 หลายเดือนก่อน +1

    Heyi inkinga Lena esibhekene nayo awuthi silalele impunga isichazele nathi sizokwazi ukulungisa .

  • @ntethelelohandsomekhwela8795
    @ntethelelohandsomekhwela8795 5 หลายเดือนก่อน +2

    Mpunga yesiNtu, ngicela ukubuza lapha khehla ukuthi uma igazi lo muntu lingumsamu wakubo kwenzakalani kulaba bantu okuthiwa ba-Donate-lwa igazi ngokukoDokotela basentshonalanga kanjalo nalo oli_donate-ayo igazi lakubo? Angithi leli gazi lizobe selixube abantu abaningi nokungebona ngabandawonye? Kusho ukuthini kubantu abambethe wena njengomuntu uma elakho igazi selihlangene namanye amagazi abangawazi nasabela kweminye imizi egameni nje lokukusindisa? Ngibonge khehla usazophendula.🙏

  • @mbothosiyah696
    @mbothosiyah696 3 หลายเดือนก่อน

    Aye...

  • @duduziemmaneulmbokazi1546
    @duduziemmaneulmbokazi1546 5 หลายเดือนก่อน +1

    Khawthi ndthathe isgqik sam ndilinde ingxenye yeSibini

  • @mnqobikhumalo3120
    @mnqobikhumalo3120 5 หลายเดือนก่อน +1

    Kujulwe kakhulu lapha Mpunga yesintu mina sengiyolalela kwi video elandelayo ngicoshe ulwazi kuyo.

  • @user-xn2rg4mp6z
    @user-xn2rg4mp6z 5 หลายเดือนก่อน +1

    Ngibingelele ngicela ngelinye ilanga ukhulume ngomuntu okukhokhelwe unina wase eyohlalala kubo kababa wakhe wase ehlala kubo kababa wakhe nomama wakhe akashadanga kodwa baba menzela iziphandla zokubo washona mama wangcwatshwa khona kubo kababa lokho kuyingozi kangakanani

  • @makhosonkemvelase5596
    @makhosonkemvelase5596 5 หลายเดือนก่อน

    *Ngasibona sidonsa kanzima kanje empilweni akuhlangani akulungi hho thina asilazi icala emhlabeni zinto zikhonjwa ku Malume,oMalume abaphelelandga thina asilazi icala asilazi icala emhlabeni.Sifela amacala obaba 😢😢" #Saluwa
    Mpunga Khehla abazali basi hluphekisile empilweni nathi sidide izingane zethu sizi qedile.Le Mkhulu ibhekise kimi nqo ukuthi ngophuma njani Angazi kuyobe kunini

  • @mbusombatha8604
    @mbusombatha8604 5 หลายเดือนก่อน +1

    Ey wayikhuluma inkinga Mounga yesintu...mina ngalobola ngisekhaya lomama wafika ubaba wakhokha ngaya kwababa...ngakhehla umakoti kwababa emva kwalokho sekuphele 5 yrs akwenzeki lutho ...kodwa ke amaphupho ami angikhomba ukuthi angiyoshadela ekhaya komama nomakoti kuthiwa owakhona. Vele kwakuthiwe owakhona ....manje kuyadida ukuthi uma sengimshadele ekhaya komama ...uyoba ngowakhona kanjan mina sengikwababa

  • @thobanimntambo9477
    @thobanimntambo9477 5 หลายเดือนก่อน +2

    Kobe inkinga if I refuse?Uhlaleleni sonke lesi skhathi

  • @duduziemmaneulmbokazi1546
    @duduziemmaneulmbokazi1546 2 หลายเดือนก่อน

    Haibo Nduna kaNdaba hlokoza kweyphambini iNgxenye owasethembisa yona bo!

  • @namandlamafuleka4029
    @namandlamafuleka4029 5 หลายเดือนก่อน +1

    Ngokwami umfazi mele a sale komalume wena uyekini uyophinde uthathe omunye ngezi nkomo zakini

  • @Mellow_daGaawd
    @Mellow_daGaawd 5 หลายเดือนก่อน +1

    ai kungamele ngathathe isithembu, kuzoba owasekhaya nowako malume....kodwa ke ngizolalela ku video ezayo nami ngicoshe

  • @buyiswajali8
    @buyiswajali8 5 หลายเดือนก่อน +1

    Eish is intuitive sijulile siyabonga siyaludinga lolulwazi thina Kathi sinalenkinga ubaba wethu waganwa komalume akahlengwanga nguyise

    • @buyiswajali8
      @buyiswajali8 5 หลายเดือนก่อน

      Ngixolise funa ukuthi isintu sijulile

    • @jabumabena5595
      @jabumabena5595 5 หลายเดือนก่อน +1

      Siyabonga mpunga

  • @sihlemafambane9338
    @sihlemafambane9338 5 หลายเดือนก่อน +1

    Mina ngokwami ngbona sengath uma usuze waganwa sisuke singasekho isidingo sokuth akuhlenge ubaba wakho.......uma ayehlawulile wakukhiph okwakufunwe umkhulu wakho, komele basebenzise lezonkomo bese bebika emsamo bekukhipha ke omalume bakuse kini ngoba phel kukhona ayekhukhiphile uBaba wakho. Ngicabang kuth nasebulandwin kwakuveziwe kuth uzalwa isende lakwaban kodwa ungowalaph ekhaya.....kobe kubikwa ke kuth useqhamukile ngakho ke sebekusa kuye

  • @nkosinathimzomuhle-bk1km
    @nkosinathimzomuhle-bk1km 4 หลายเดือนก่อน

    Mkhulu bengicela wenze I video ekhuluma ngengane etholakale emshadweni ngokuth umama oshadile uphumile wayojola ngaphandle kwase kutholakala lengane lengane masiganwa noma igana ibizasiphi isbongo kufaneleni ibize isbongo lakushadelekhona unina ilungiswakanjn intekanjalo kuzi izintozayo ziqonde

  • @annangcobo6331
    @annangcobo6331 5 หลายเดือนก่อน +1

    Sawubona bhuti ngicela Ukuphi kuma esihlokweni ngithenge imoto end of July last year but bhuti sengiqaphele ukuthi inyanga nenyanga iya scratch kungabe kwenziwa yini lokho 😢

  • @ChristianoTwala-cu1nu
    @ChristianoTwala-cu1nu 5 หลายเดือนก่อน +1

    Mpunga cha wasishiya silenga ,ndoda yamadoda ujule kakhulu,sihlenge Baba kunzima silahlekile ,isintu sethu sesiya si-complicater too much,imikhuba miningi igcine isimosha isintu sethu.asisazi nanqindi nasibhakela

  • @henda1538
    @henda1538 5 หลายเดือนก่อน

    Eyi ekhaya kuyabheda emadlozini khona okuwrong, ngathi ukhokho nokhokholozi abashadanga kodwa sathatha isibongo sababa kamkhulu

  • @vusimngomezulu2500
    @vusimngomezulu2500 4 หลายเดือนก่อน

    Isintu sibasiza ngani abantu njengoba sonke sinezinkinga sigqine sesifile nje?

  • @sibusisotede9632
    @sibusisotede9632 5 หลายเดือนก่อน

    Mkhulu Mina ngyakuzwa, kodwa kunohlangothi olushiyekayo lah... Uma ungum'lwanjwana ukhululele kini, kodwa izinto zomsamo uzenzela komalume ngoba uyak'qonda ukuw'kuthi ngokomsamo ukwelikamame uhlangothi. Lapho wenze njani, uyahluka yini kunolwanjwane okhulele konyoko Noma bayefana sengisho kulesimo oqeda kusichaza

  • @siyaxaba4699
    @siyaxaba4699 5 หลายเดือนก่อน +1

    Isandla sindlula ikhanda wasithinta isihloko engisithandayo

  • @sphesihlemhlungu5789
    @sphesihlemhlungu5789 5 หลายเดือนก่อน +1

    Kanti futhi uma ubiza isibongo sakomalume...waganwa wathola abantwana ngabe labobantwana babiza siphi isibongo??

  • @TheJoker-ws6oz
    @TheJoker-ws6oz 5 หลายเดือนก่อน

    Sawubona ingabe kuchaza ukuthini ukuphupha ulala nomuntu wesilisa ungumuntu wesilisa nawe. Kodŵa lomuntu omphuphayo ungamboni uma uthi uyamemeza kungazwakali nezwi elilodwa futs uzizwe sengathi ubanjiwe awukwazi ngisho ukunyakaza