UCCSA KZN| Ziyophel’ izimpi zonke ngezwi Lakho, Baba| Hymm 113
ฝัง
- เผยแพร่เมื่อ 27 พ.ย. 2024
- Hymm 113: Izwi likaNkulunkulu
1. IZWI likaNkulunkulu,
Siyaphila, ngalo,
Siyazaz’izono zethu
Nomsindisi ngalo.
2. Izwi lelo lihambile,
Lisahamba lona;
Lezozizwe ezikude
Zilindele lona.
3. Ziyanqotshw’izitha zakho
Ngezwi lakho, nkosi;
Wogcwalisw’umhlaba wonke
Izwi lakho, Nkosi.
4. Imifula yelelizwe
Yojabula ngalo;
Abantwana balelizwe
Becetshiswa ngalo.
5. Ziyophel’izimpi zonke
Ngezwi lakho, baba,
Koba-ngokuthula kodwa
Kuwo wonk’umhlaba.
video credit: UCCSA KZN