MBAC Praise Team - Welikhwezi Lakusasa

แชร์
ฝัง
  • เผยแพร่เมื่อ 14 มี.ค. 2023
  • Lyrics:
    Welikhwezi lakusasa
    Khanya laph' ebumnyameni
    Bakhanyis' abadukile
    Badonsel' ekukhanyeni
    Namakholwa akhanyiswe
    'Nkos' iyeza masinyane
    Soyibona emafwini
    Kuyokhanya kuthi bane
    Bon' abantu bokukhanya
    Bayophathw' isandla sayo
    Emanzini nasehlane
    Bahambel' ikhaya layo
    Siyobhek' empumalanga
    La ikhwezi lithi, bane
    'Ziboniso zonke zithi
    'Nkos' iyeza masinyane
    Welikholwa phuma kubo
    Abomhlaba nakokwabo
    Ungahlanganyeli nabo
    Em'khuben' emibi yabo
    Osathand' ukub' abizwe
    Abomhlab' ukuthi "Mngane"
    Uyisitha saleNkosi
    Eyobuya masinyane!
    Singabanjwa ngakh' ukona
    Nemikhuba eyingozi
    Sizilungisel' usuku
    Lokuhlangabez' iNkosi
    Makukhishw' insila yonke
    Singashiyi nakuncane
    Sihlukane nabomhlaba
    'Nkos' iyeza masinyane
    Masilulekane njalo
    Silungele lon' izulu
    Sizigcine othandweni
    Ngoba kunomvuz' omkhulu
    'Badukayo bobuyiswa
    Nxa sihlala sithandane
    Sizilinde, sisebenze
    'Nkos' iyeza masinyane!
    #MbabaneAlliance #Mbabane
  • บันเทิง

ความคิดเห็น • 4