Isivumo sokholo saseNikhiya || The Nicene Creed
ฝัง
- เผยแพร่เมื่อ 30 ม.ค. 2025
- ISIVUMO SOKHOLO SASENIKHIYA
Siyakholwa kuNkulunkulu munye
UYise, uSomandla
UMenzi wezulu nomhlaba
Nowakho konke okubonakalayo
nokungabonakaliyo.
Siyakholwa nakuyo iNkosi inye,
uJesu kristu
INdodana evele yodwa
kuNkulunkulu
Ivele kuYise kungakabikho
izikhathi zonke
InguNkulunkulu ivela kuNkulunkulu
InguKukhanya uvela kukho
uKuKhanya
InguNkulunkulu impela ivela
kuNkulunkulu impela
Eyavela, engenziwanga, iSiqu sayo
sisinye nesikaYise
Okwenziwa yiyo konke.
Eyehla eZulwini ngenxa yethu
thina bantu, nangokusisindisa
Yenziwa inyama ngoMoya
oNgcwele
Kuyo iNtombi uMariya,
yabawumuntu
Futhi yabethelwa esiphambanweni
ngenxa yethu
KuPontiyu Pilatu:
Yahlupheka, yafa, yangcwatshwa.
Ngosuku lobuthathu yabuya
yavuka njengokuseMibhalweni
Yenyuka yaya eZulwini
Isahlezi khona ngasekunene
kukaYise.
Iyakuphinda ize ngodumo
Izokwahlulela abasekhona
nabafileyo:
Umbuso wayo awuyikuphela.
Siyakholwa nakuMoya oNgcwele,
oyiNkosi ophilisayo
Ophuma kuYise nakuNdodana.
Obongwayo edunyiswa kanye
noYise neNdodana.
Owashumayela ngabaphrofethi.
Siyakholwa nakulo iBandla linye,
eliNgcwele
Elikhatholika, labaphostoli.
Sivuma uMbhabhathiso munye
wokuthethelela izono.
Sibheka ukuvuka kwabafileyo
Nokuphila kwesikhathi esizayo.
Amen.
SIYABONGA Jesu
Sibheka ukuvuka kwabafileyo. Nokuphila kwisikhathi esizayo. Amen!👌👏🙏
Ahhhhhhh ilona themba esinalo ukuthi noma sifa sizovuka ngomhla wokuphela. Asisize uNkulunkulu, sime kuye siqinile ize ibuye iNkosi. Amen
Homee❤️❤️...ngaze ngakhumbula, Inhliziyo ibuhlungu kakhulu💔😔 moving to jhb for varsity took this away from me... Being an alter server was just simply the best❤️
Eskies sisi. Isizathu siyazwakala ngoba kumele uphothule izifundo zakho, imfundo ibalulekile kakhulu. Ududuzeke. Mhla ubuya eskoleni, kumele wenze sure ukuthi uyaya esontweni khona uzozwa lendumiso emndani kangaka. All the best towards your studies, God bless you servant of God.
UKristu uyinkosi, uyabusa 🙏
Manje naphakade. Amen🙏🙏🙏
Bishop Mbatha where are based I love you bethunana niyandi sikelela ❤👌🙌🙌🙌
We are based in KZN (Hammarsdale) 80 Magwaza Road, Mpumalanga T/ship. Siyakuthanda nathi. Singavuya nyani uma ungasivakashela ngelinye ilanga. Enkosi. God bless you🙏🏼🙏🏼🙏🏼
@@banzimbatha4539🙏🙏🙏
Siyabonga 😊
Amen sis'Zinhle🙌